UNKSZ Asive Mvunelo
UHLELI lubhojozi ngenxa yezinsongo, umngani wowagcina ukubonakala emasontweni amathathu edlule eyokhipha imali ezitolo KwaMamdekazi, eMariannhill, okuthiwa umndeni usola yena ngokunyamalala kwelungu lawo.
UNksz Sonto Mchunu (24) waseMariannhill, uthe usehamba eqalaza esaba ukwenzakaliswa, emva kokuthi abathile besabalalisa izindaba athe zingamampunge zokuthi unesandla ekudukeni komngani wakhe, uNksz Asive Mvunelo (24) okuthiwa wagcinwa ukubonwa ngoJanuwari 2, emtshele ukuthi uyokhipha imali.
UNksz Mchunu obezifikele emahhovisi aleli phephandaba, uthe selokhu kwanyamalala umngani wakhe abazane naye besebancane befunda ndawonye esikoleni esisemazingeni aphansi ngabo-2012, uthola izinsongo kwabathile abamsabisayo okukhona kubo namalungu omndeni ka-Asive. Kuthiwa uyazi lapho emgcine khona kanti kukhona nabathile abafaka isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana bemnameke ngenhlamba bambize ngombulali.
“Ngihlala nezingane zami, eneminyaka eyisithupha nenezinyanga eziyisithupha kuphela ekhaya. Sengihlale ngithukile ngoba angisazi okuzongivelela njengoba kuthiwa u-Asive ngiyamazi, ekubeni ahamba ewumuntu oya ezitolo eyokhipha imali ngangaphinde ngambona,” kusho yena.
FUNDA NALOLU DABA: Ubulale umngani ‘ecikwa’ wukuthi useqashiwe
Komunye umbhalo okuthiwa ufakwe eqoqweni lomphakathi wakule ndawo (Isolezwe elinawo), kusolwa uNksz Mchunu ngokuthi wadayisa umngani wakhe kubantu bangaphandle ababonwa bemtshethe ngesaka, kanti uthi lokhu kumlimaza kakhulu ngoba akugcini ngokuhudulela igama lakhe phansi kodwa kuphinde kufake impilo yakhe engozini njengoba sekukhona abathi akabulawe ngoba uyamazi.
“Lo muntu obhala lapha uthi sengabaleka nasekhaya, okungesilona iqiniso. Bengilokhu ngisekhaya kusuka anyamalala futhi yimina owayephusha ukuthi kuyiwe emaphoyiseni kuyovulwa icala ngomuntu odukile emva kokuthi sekuphele amahora angu-24 engabuyi,” usho kanje.
Uthe emgcina, uhambe ewumuntu oyokhipha imali ezitolo KwaMamdekazi, osukwini lwesithathu emvakashele njengoba ubefike ngosuku olwandulela uNcibijane ukuthi bezobhiyozela unyaka omusha ndawonye.
“Ubeziphuzela kusuka ngosuku afike ngalo, ngenxa yokuthi mina utshwala angibuphuzi, ngithele igilazi eyodwa yewayini ngizama ukuthi angabhoreki kodwa yangangiphatha kahle, ngalala ngaphambi kokuthi kuhlukane unyaka. Ngakusasa bengisagula kungavumi lutho, yena ubeqhubeka ephuza kangangoba umfana wakubo owayethunywe ukuzombeka wamfica ekhona ehleli kusofa endlini, wakhuluma naye.
“Wangitshela ukuthi uzobabona ngakusasa kubo ngoba vele sebebonile ukuthi usekhona akunankinga. Salala ndawonye, ngakusasa wathi usayokhipha imali ezitolo eziseduze nje, uzodlula ethathe izimpahla zakhe esedlulela kubo, kwaba wukumgcina kwami,” kulandisa uNksz Mchunu.
Uthe ubengakwazi ukumthola ocingweni ngoba ngesikhathi belele emva kokuphuza iwayini, usola ukuthi bakhona abagqekeza isicabha bantshontsha amaselula abo, njengoba ayesele endlini yokuphumula.
Uveze ukuthi ngesikhathi kufika unina ka-Asive umchazelile ngokuhamba kwendodakazi yakhe kodwa kwamthusa kakukhulu esebuya namadoda amabili ayethi akamkhiphe emthuka ngezinhlamba kwaze kwaphoqa ukuthi abaleke nezingane zakhe bayolala esihlotsheni khona endaweni, okube wukuqala kochungechunge lokusatshiswa nokwethukwa osekumenza alale obenyoni.
UNksz Zandile Mvunelo ongunina omncane ka-Asive, uphikile ukuthi kukhona ukusabisa nezinhlamba abeseke bathuka ngazo uNksz Mchunu.
“Siwumndeni saya kanye kuye, isizathu kwakuwukuyobuza. Amaphoyisa asiyala ngokuthi singabe sisaxhumana naye okwamanje njengoba kusaphenywa. Nokho asikwazi ukuvimba umphakathi uma ufuna izimpendulo kuye, asinawo lawo mandla,” kusho yena.
Uthe basaqhubeka nokuthungatha indodakazi yabo njengoba namanje ingakatholwa.
Related Topics: