Usefisa ngisho ukufa owesifazane, waKwaNongoma, onendodakazi esiboshwe kathathu ngumyeni wayo oyiphoyisa, okusolwa nenkantolo ngokumcindezela.
Isolezwe lithole ngomthombo okhala ngokuhlukumezeka kwalo wesifazane okuthiwa usexoshwe nasemzini wakhe oLundi.
UNkk Precious Mbuyisa (41) uwudlele esitokisini uKhisimusi noNcibijane emuva kokuboshwa ngoDisemba 22, esolwa ngokusabisa umyeni wakhe okuthiwa usebenzela esiteshini samaphoyisa eMahlabathini. Kuthiwa umndeni walo wesifazane KwaNongoma usuphenduke ihlaya njengoba kuhlala kugasela amaphoyisa ezomfuna, agqunywe esitokisini.
UNkk Mbuyisa okuthiwa usehamba abeluleki bengqondo waphucwa nengane eneminyaka engu-12. Ngesikhathi eboshwa okokugcina ngoDisemba ubephuma esibhedlela ngenxa yokhwantalala. Umyeni wakhe wamenzela incwadi yesivimbelo senkantolo wabuye wambophela ukwephula imithetho yayo emsola ngokufika kwakhe engavumelekile.
Kuthintwa unina kaNkk Mbuyisa, uNkk Busisiwe Sibiya (75), uvumile ukuthi indodakazi yakhe isiphila ngejele. Uthe kwayena lesi simo siyamgulisa ngoba kunzima ukubona indodakazi yakhe ihlukumezeka ngale ndlela.
“Sengifisa nokufa ngoba sengiyinhlekisa nakomakhelwane ngalesi simo. NgoJulayi ngashonelwa umyeni kwalandela indodana yami eshone engozini yemoto ngo-Agasti. Sengingedwa manje akekho nokwazi ukuvikela indodakazi yami ehlala iboshelwa nezinto engingazizwa kahle.”
Uthe usefisa kungenelele noNgqongqoshe uBheki Cele wamaPhoyisa ngoba uyabona ukuthi kuzogcina kuphume isidumbu ngenxa yale ndaba.
UNkk Sibiya ukhale nangokuthi usebenzisa imali yempesheni ukukhipha imali yebheyili njengoba indodakazi yakhe isiboshwe kathathu kusukela ngoNovemba. Uthe ubona nokuthi izophelelwa umsebenzi indodakazi ngenxa yokuboshwa njalo.
UMnuz Myeni omele uNkk Mbuyisa kodwa ongathandanga negama lakhe, ethintwa ngocingo uthukile ukuthi lolu daba lufike kanjani ephephandabeni. Uvumile ukuthi umele uNkk Mbuyisa kodwa ngeke aphawule kakhulu ngoba udaba lusenkantolo. Ukuqinisekile ukuthi uNkk Mbuyisa ungaphandle ngebheyili wathi uzophindela enkantolo ngoJanuwari 23.
Okhulumela amaphoyisa
KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe owesilisa oneminyaka engu-48 wavula icala lokusatshiswa kwakhe ngezithuba zabo-23:50 ngoDisemba 19. “Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-41 wavela eNkantolo yeMantshi eMahlabathini ngoJanuwari 3.”