NKOSIKHONA CELE
USEFISA nokufa uMfundisi webandla laseZayoni osekuphele iminyaka emibili egcwele encishwa ngumkakhe ucansi ngoba emsola ngokuthi “unguqhwayilahle ongenamali”.
UMfu George Bhengu (50) waseMpangeni enyakatho yeKwaZulu Natal ongomunye wabaholi bebandla, iSalvation in Christ Ministries uthe akasazi ukuthi kumele enze njani ukuze aphume kulobu bunzima bempilo ayiphilayo.
UMfu Bhengu ubalisa ngomkakhe, uNkk Thobile Bhengu othi usevele amtshele akhaleni ukuthi akakhohlwe ngeke aphinde amnikeze ucansi ngoba akasamchazi futhi akabanikezi ucansi abantu abangenamali.
Uthi le nto umkakhe uyiqale kancane ezitshela ukuthi uyamncokolisa kanti akunjalo, akadlali ugweva nalo ngempela ucansi.
“Angisazi mina ukuthi ngithatheni ngihlanganise nani impela kulukhuni ukuba yindoda uma kunje. Inzima kakhulu impilo engiyiphilayo. Sengizizwa ngingaseyona nhlobo nje indoda ngenxa yalokhu okwenziwa umkami,”usho kanje ebalisa.
Eqhuba uMfu Bhengu uthe izinto emshadweni wakhe nomkakhe ziqale ukuba mapeketwane ngesikhathi ephelelwa umsebenzi eminyakeni eyedlule.
Uthe ngesikhathi esanda kuphelelwa umsebenzi umkakhe wambiza wambuza ukuthi usezoluthathaphi ucansi njengoba engasasebenzi?
Uthi wambuza ukuthi uchaza ukuthini, wamphendula ngokuthi yena akanaso isikhathi sokuvulela indoda engasebenzi imilenze.
“Muva nje kuthe uma ngimbuza ngale mpilo angiphilisa yona, wathi ayikho indaba yami ngiyefana neBhayibheli leli engihlale ngiligodlile esandleni sami. Eyi impela waze wadlala ngami umfazi ngamlobola ngaqeda,’’usho kanje ehlengezela izinyembezi.
Udalule ukuthi benomkakhe banengane yomfana oneminyaka engu-16.
“Ngikutshela ukuthi kuyimanje umkami angimazi nokuthi ukuziphi izintaba. Kodwa kuthe uma ngimshayela ucingo wathi angikhohlwe angifune ezinye izinyoni ezisezingeni lami lempilo,’’echaza.
UMfu Bhengu uthe uqale ukuphila impilo enzima eminyakeni embili eyedlule ngesikhathi bedilizwa enkampanini, iFreedom Stationery.
Ethintwa umkakhe uvumile ukuthi ucu kalusalingani phakathi kwakhe noMfu Bhengu. Ulimise ngesihloko elokuthi akasamthandi, wathi unengwa nawukuthi wondla indoda endala enepasi.
Ebuzwa “ngokugweva” nocansi uphendule ngomunye umbuzo othi: “Ngokwazi kwakho onjani umuntu ofanelwe ukuthola ucansi?”
Kuthe uma intatheli ithi kayinalo ulwazi waphendula ngokuthi ucansi “yisipho” esimqoka okubongwa ngaso amadoda avukayo ekuseni aye emsebenzini.
Uvumile nokuthi usephumile endlini wamshiya yedwa uMfu Bhengu. Uthe njengamanje ufisa ukuthi kube nencwadi yesahlukaniso.
Udalule nokuthi ngomhla ka-18 kwephezulu bazohlangana eNkantolo yaKwaDukuza, noMfu Bhengu wenqaba kodwa ukwenaba kabanzi ngokuzobe kuyelwe enkantolo.
INhloko yebandla leSalvation in Christ, uMbhishobhi Sibusiso Madela uthe uyazazi izinkinga ezikhungethe umndeni wakwaBhengu.
Wathi uzamile ukungenelela kodwa kwafana nokuthi umane uthela amanzi emhlane wedada.
Uthe kodwa uyafisa ukuthi kube khona isixazululo esitholakalayo phakathi kwabo njengoba benomntwana.
Uthe ubengenalo ulwazi lokuthi uMfu Bhengu uphila impilo enzima kangaka yokuncishwa ucansi mihla namalanga.
Uthe akwaziyo ngezinye izinkinga abanazo abagcine bengazange bezixazulule.