USEDLULILE emhlabeni umfowabo kaMinenhle "Minnie" Dlamini uMnuz Khosini Dlamini obesekuphele amasonto esesimeni esibucayi esibhedlela.
UKhosini ushone ngoLwesine ntambama ngemva kokulaliswa yisifo ibrain aneurysm (ukuqhuma komthambo engqondweni) esibhedlela kusukela ngasekuqaleni kwenyanga.
Ngokombiko we TshisaLIVE, ukushona kukaKhosini kuqinisekiswe okhulumela umndeni uThlogi Ngwato esitatimendeni.
"Inhliziyo yami isezinhlungwini njengoba ngiqinisekisa ukuthi uKhosini wethu ushone izolo (ngoLwesine) ntambama, ngemuva kokuguliswa wukuqhuma komthambo wegazi engqondweni obekumbeke esimeni esibucayi izinsuku ezingu-23. Kulesi sikhathi sobunzima siwumndeni sicela isikhathi nethuba lokubungaza impilo yakhe. UKhosini ushiye emhlabeni abazali bakhe uQueen noJabulani Dlamini, kanye nodadewabo uMaphe noMinenhle," kusho isitatimende.
Abantu badlulise amazwi enduduzo enkundleni uTwitter bezwakalisa ukwethuka nokuzwelana nomndeni wakwaDlamini.
A
Oh Lord!!! Not Minnie’s brother 😭💔 https://t.co/Gfm9StzFFs
— Gcina Zungu (@Hlelo_Gcina) September 26, 2019
%%%twitter https://twitter.com/zenzeh?ref_src=twsrc%5Etfw">@zenzeh: Konje MaBlerrrh n Minnie are related, so the news must be true this time. Strength to Minnie’s whole family mahn. She loved her brother. 💔
— Nwabisa Ncobo (@Nwayza_)