UMNUZ Zaninazo Cele, osedume ngelikaZanny Official ngenxa yama-video akhe awafaka ezinkundleni zokuxhumana
Image: SITHUNYELWE
UKUKHATHAZWA wukubona kwanda izigameko zokuhlukumezana kwabantu othandweni nomthelela omubi okuba nakho ebantwini jikelele, kwenze insizwa yakwa-J eMlaza yazihlupha ngokuthi yini engayenza ukukhuza isihlava.
Uqale kanjalo umcabango wama-video anoteku kodwa adlulisa umyalezo wokukhuza leso simo kwabathandayo kuMnuz Zaninazo Cele, osedume ngelikaZanny Official ezinkundleni zokuxhumana, osekwenze waba nabalandeli abangaphezu kuka-292 000 kwiTikTok, futhi asebukwe izikhawu ezingaphezu kuka-5.2 million.
Engxoxweni neSolezwe, uCele ozinze eGeorge, eWestern Cape ngokomsebenzi, uthe i-video yakhe yokuqala wayenza ngo-2023 okwathi eseyifake ezinkundleni zokuxhumana yabukwa ngabantu abangaphezu kuka-500 000, okwamkhuthaza ukuba aqhubeke enze amanye.
"Bekungikhathaza ukubona abantu behlukumezana elokishini egameni lokuthi bayathandana, kungikhathaza nokuthi okunye kwalokho kuhlukumezana kwenzeka phambi kwezingane, zikhule zibona isithombe esibi sento eyenziwa ngabantu abadala. Ngathi uma ngicabanga, ngabona ukuthi mhlawumbe lokhu kungenza umehluko wokuthi kufake umoya wokwenza izinto kangcono kunokwenzeka ngayo manje ngokuthi ngisebenzise ama-video azokudoba ngokuthi anoteku namhlaya lapha nalaphaya, kodwa futhi uma ulalelisisa uzwe ukuthi kunomyalezo omqoka kuwona." kulanda uCele.
UMNUZ Zaninazo Cele, osedume ngelikaZanny Official ngenxa yama-video akhe awafaka ezinkundleni zokuxhumana
Image: SITHUNYELWE
Leli bhungu, elivame ukusho itemu elithi "Anginamathoyizi angidlali lana" kuma-video alo, lithe liyakuqonda ukuthi akuwona wonke umuntu ozothanda into eliyenzayo, kepha futhi ligculisekile ngokuthi baningi abantu ababonakala bewuthakasela umsebenzi eliwenzayo.
"Baningi kakhulu abangincomayo usuku nosuku, bengikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngenze lama video engiwenzayo, okwenza ngibe nentshisekelo yokuthi ngiqhubeke ngikhuze izinto ezimbi engizibona zenziwa ngabantu ebantwini abathandana nabo. Into engifuna icace wukuthi udlame aluzilungisi izinto, kepha wukubonisana okusizayo - nokuthi uma sekucaca ukuthi anisavumelani, nihlukane ngokuthula," kusho leli bhungu eliwumculi we-Afro pop.