USEFUNA ukubona uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sbongiseni Dhlomo, athule kuyena usizi lwakhe umlisa onenkinga yocansi engajwayelekile yokungafiki kuvuthondaba, esimkhungathe isikhathi eside.
UMnuz Thulani Dlamini, ozwakale ocingweni edangele, uthi usephenduke inhlwa ezintombini.
Uma eyichaza inkinga yakhe uDlamini, ufikelwa isibibithwane.
“Uma ngiya ocansini nomuntu wesifazane ngishova isikhathi eside ngingafiki kuvuthondaba. Ngize ngifike emuva kwesikhathi sengizihlalele sengiqedile. Kudlula imizuzu cishe engamashumi amathathu ngiqedile bese ngichitha.
“Le nkinga isingiphathe iminyaka cishe ebalelwa kweyisikhombisa, angilutholi usizo. Sengibuya nasezinyangeni nakodokotela, bayehluleka ukungisiza.
“Induku iyavuka ayinankinga, ngiwuqale umsebenzi lutho ukuchitha. Kuyothi ngingasazi kuconse into encanyana engathi shu,’’ kusho uDlamini ngokukhathazeka
Uthe le nkinga isimphuthisele ngesinqandamathe sakhe abefuna ukusishada kodwa samchitha ngenxa yale nkinga.
"Bengibeke uR40 000 wokuyolobola sengizithembisile ngoba ngiyamthanda lo sisi enginaye manje. Ngaphoxeka kabi ngesikhathi ethi ngeke akwazi ngoba ngibhekene nale nkinga.
“Anginayo nengane, yena unayo. Kusobala ukuthi kusele ngakimi. Kungakuhle uma ngithola ithuba lokuxoxa nobaba uDhlomo mhlawumbe angaqhamuka nekhambi,’’ kusho uDlamini.
Uthe akukho sangoma nanyanga abeyiyalelwa angayanga kuyona, yingakho esebona uDhlomo njengethemba lakhe lokugcina.
“Bengihamba kubantu ababonayo bangitshele izinto zabo ezahlukene nje. Ngike ngaya komunye umtholampilo wamadoda odumile kodwa bafike bathi le nkinga yami abayazi, bona basiza amadoda anenkinga yenduku engaqini noma asheshe achithe hhayi le nto yami yokungakungafiki kuvuthondaba."
Uthe le nkinga imenza ahlale esokole engazizwa kahle ukuthi uyindoda yangempela ngoba wehlelwa yisithunzi nakowesifazane ahlekisana naye.
UDhlomo ethintwa ngesicelo salo mlisa, uthe uzimisele ngokumbona wacela inombolo yocingo lukaDlamini ukuze amthinte.
“Ngike ngahlangabezana nomunye umlisa owayenenkinga efanayo, ngambona nganeliseka ukuthi uxakekile ngempela.
“Ngamenzela incwadi yokubona udokotela owungoti wezindaba zabesilisa. Le nkinga yehlisa isithunzi kumuntu wesilisa. Ngizozama ukumlekelela. Sizoxoxa sibone ukuthi ngimsiza kanjani,’’ kuphetha uDkt Dhlomo.