Sbhale Mpisane Picture: Instagram

INGENA ilekanyana imyalezo yokumfisela ukululama ngokushesha usaziwayo wokuzivocavoca, uSbahle Mpisane, olimale engozini enyantisa igazi emgwaqeni uMargaret Mncadi Avenue, eThekwini, ezintatha zanamuhla.


USbahle ubehamba ngonyanyavu lwemoto iBMW M4 eyisilahla kanti abezimo eziphuthumayo bathe le moto ishayise isigxobo esiseceleni komgwaqo.

Kubikwa ukuthi uSbahle uphuthunyiswe eSt Augustines Hospital esesimeni esibucayi.


Okhulumela iRescueCare, uMnuz Garrith Jamieson uthe abezimo eziphuthumayo balaphe owesifazane obesesimeni esibucayi ngemuva kwengozi kuMargaret Mncadi Avenue (Victoria Embankment).

Uthe lo wesifazane welashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphunthunyiswa esibhedlela.


Imizamo yokuthola ukuphawula emndenini wakwaMpisana ayiphumelelanga.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebefisela le ntokazi ethandana nokapteni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ukuthi ilulame ngokushesha.