UZOCHITHA impelasonto yesibili esezikhindini owesifazane waseMtshezi, KwaZulu-Natal, osolwa ngokwakha itulo lokusoconga umyeni wakhe.
UNkk Mbalenhle Xaba (39) uvele eNkantolo yeMantshi yaseMtshezi izolo. Ubeyofaka isicelo sokuthi adedelwe ngebheyili. Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehliselwe uMsombuluko ozayo enkantolo efanayo.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe icala lihlehlisiwe khona uMbuso uzoqinisekisa ikheli lesibili lalapho ezodedelelwa khona umsolwa uma inkantolo imdedela ngebheyili.
UMhlongo uthe ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuzoqhubeka ngoMsombuluko uma sekuqinisekiswe lokho.
UNkk Xaba uboshwe ngoLwesithathu olwedlule emva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngowesilisa okuthiwa wayethengwe wumsolwa oshadile ukuthi abe yinkabi, abulale umyeni wakhe.
Kuthiwa lo wesilisa wabikela oKlebe ukuthi uNkk Xaba wamthengela umacekeceke wemoto ngoNovemba nyakenye awawuzowusebenzisa uma eseyosoconga umyeni.
Kunezinsolo ezithi laba abashadile babesezinhlelweni zesehlukaniso somshado wabo ngesikhathi inkabi “ithengelwa” imoto.
Ngokusho koKlebe, ithumba libhoboke ngesikhathi lo wesilisa “owayeqashelwe“ ukuthi ayobulala umnumzane wekhaya, engasafuni ukwenza ayekuqashelwe.
Lokhu oKlebe bathi kwaholela ekutheni kube nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kowesilisa “owayeqashiwe” noNkk Xaba.
OKlebe bathi kusolakala ukuthi le moto yayisizonikwa omunye wesilisa owayesetholwe nguNkk Xaba ukuthe enze umsebenzi wokusoconga.