INKAKHA yomculo weHip Hop kuleli uPitch Black Afro izohlala kuze kushaye uMeyi 24 ejele kulandela ukuhlehliswa kwecala ebhekene nalo ngoLwesihlanu.
UPitch Black, ogama lakhe lokuzalwa nguThulani Ngcobo, uvele enkantolo yeMantshi eJohannesburg ngoLwesihlanu ngecala lokubulala inkosikazi yakhe uCatherine Modisane eYeoville nyakenye ngoDisemba 31.
Le nkantolo yasichitha isicelo sakhe sebheyili ngenyanga edlule. IMantshi uPaul du Plessis ithi ayikuboni okuphuthumayo okudinga lo mculi ngaphandle kwejele futhi nobufakazi obuqukethwe abashushisi buqinile.
FUNDA:
Icala lihlehliselwe uMeyi 2 abaphenyi becela isikhathi esengeziwe sokuhlaziya umlando osezingcingweni zomsolwa nomufi.
Ngaphandle kwecala lokubulala, uPitch Black usolwa nangokuphazamisa ukusebenza komthetho njengoba amaphoyisa ethi akabanga neqiniso ngokudlula emhlabeni kukaCatherine.