UKHUNGATHEKILE umndeni wowayewuthisha osekuphele iminyaka emithathu anyamalala emva kwezinyanga ezimbili esanda kuthatha umhlalaphansi.
Kubikwa ukuthi uMnuz Hlakaniphani Mkhize (63) owayefundisa eFolweni High, waphuma kwakhe e-Adams Mission, eThekwini, ngoMashi 2018 ewumuntu ozobuya ngokushesha.
Wayekade egcine emsebenzini ngoJanuwari 2018.
UMkhize kuthiwa waphuma ekuseni ehamba ngemoto yakhe iVW Polo emhlophe egqoke ibhulukwe le-jean eluhlaza okwesibhakabhaka, isikibha esimnyama nophaqa.
Umndeni wakhe uthi wayesanda kuthola ingxenye yezishaqane zemali yakhe yempesheni ngenkathi enyamalala.
Inkosikazi kaMkhize, uNkk Tholakele Mkhize, ithe namanje basadidekile, bazibuza bayaziphendula ukuthi kwenzakalani ngomyeni wakhe?
Uthi okuyikhona okubadida kakhulu ukuthi wanyamalala engaphethe lutho, washiya konke okumqoka okubalwa kukhona umazisi, amakhadi asebhange nokunye.
“Wahamba ekuseni, akabange esabuya okuyinto engajwayelekile. Uwumuntu obenza izivande e-Adams njengoba ebesethathe umhlalaphansi,” kusho uNkk Mkhize.
Uthi bamthungatha bangamthola ngosuku aduka ngalo kodwa bangawuthola umkhondo. Ngakusasa ekuseni, uthi bavuka bayobikela amaphoyisa esiteshini saKwaMakhutha ngokuduka komyeni wakhe.
Uthi ngesikhathi bematasa bemthungatha, bathola ukuthi wayekade egcine ukubonakala nomunye wesilisa wakhona eFolweni behamba ngemoto.
UNkk Mkhize uthi banikela kuyona leyo ndoda bayibuza uMkhize kodwa yalandula ukuthi ike yabonana naye.
“Ubaba ubengumuntu obephuza utshwala ngaleso sikhathi uma ejabulile futhi esekhaya. Ubengalali ngaphandle. Besisazi isikhathi aphuma ngaso nabuya ngaso. Usuku anyamalala ngalo wayegqokise okumuntu ongayi kude,” kuchaza uNkk Mkhize.
UMkhize wanyamalala washiya ngemuva umkakhe, izingane zakhe ezintathu enye yazo ephothule u-matric ngonyaka owedlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukulahleka kukaMkhize athe kuze kube manje akakatholakali.
Uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha uMkhize.