UYESABA ukubuyela emsebenzini umhlengikazi wasesibhedlela saseThekwini, iKing Edward VIII, othi ushaywe yisiguli wavaleka iso ngesikhathi esemsebenzini ngoLwesihlanu olwedlule.
UNksz Nonhlanhla Zuma (50) wakwa-K eMlaza, usathuthumela emuva kokuhlaselwa yisiguli ewodini uN3B, athe lihlanganisa iziguli zabesilisa nabesifazane.
Uthe bebengena ebusuku nethimba lakhe ngesikhathi bethola umbiko kozakwabo abebengena ekuseni ukuthi kunesiguli sesilisa esiboshelwe embhedeni ngoba besingalawuleki.
“Besibane ngomphathi ewodini. Sithe sisasebenza sixilonga iziguli silungisela ukuya ekhefini, lesi siguli ebesitshelwe ngaso sagqashula amabhande ebesiboshwe ngawo. Unesi engisebenza naye ugijime wasibamba isiguli, wangibiza ukuthi ngize nezinto zokusifasa,” kusho uNksz Zuma.
Uthi kuthe ngesikhathi ezama ukusibopha isiguli izinyawo savele samkhahlela esweni langakwesokudla. “Angizwanga ngaleso sikhathi ukuthi ngilimele. Lesi siguli sivele samemeza sathi lethani isibhamu ngibadubule. Sisizwe wukubaleka sizivalele kwelinye igumbi, kwaqhamuka onogada basibamba isiguli basibuyisela embhedeni,” kulandisa uNksz Zuma.
Uqhube wathi isiguli sivele sathula sangaphendula uma sibuzwa ukuthi besimkhahlelelani.
“Ngiyasola ukuthi sasihanjelwe wumnqondo. Yisiguli ebesingakhulumi kakhulu kodwa kusho ukuthi ngalelo langa kwakonakele ngoba emini sasigqashule i-drip. Asizange sixabane nesiguli, sacasulwa wukuthi siyasivimba,” kusho uNksz Zuma.
Ukhale ngokungaqini kwezokuphepha ewodini, wathi isiguli besizolimaza nozakwabo ukube ababalekanga.
“Ngisathuka nasebusuku uma ngilele ngoba yonke le nto iyabuya. Kwadingeka ukuthi ngiyiswe ewodini ngiyolashwa. Iso lami lavuvukala. Angazi ngizosibhekelwa wubani lesi siguli uma ngibuyela emsebenzini,” kusho uNksz Zuma.
Uthe eminyakeni engu-22 esebenza esibhedlela uyaqala ngqa ukuhlangabezana nenkinga efana nalena.
“Bengiqala ukushaywa yisiguli. Into engingayifiseli bani. Kungithusile kakhulu. Iso lami lisebuhlungu. Icala ngilivulile emaphoyiseni aseMbilo, ashayelwa ucingo esibhedlela afika ngesikhathi sesigameko. Athi uma kutholakala ukuthi asiguli ngekhanda bazosibopha isiguli,” kusho uNksz Zuma.
Umhlengikazi ufuna isibhedlela simnxephezele ngokuhlukumezeka nokulimala emsebenzini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMbilo aphenya icala lokushaya.
“Ummangali uthe wayesemsebenzini ngesikhathi eshaywa yisiguli ebusweni. Lesi siguli kuthiwa sagqashuka lapho esasiboshwe khona, sagqashula ngisho i-drip esasifakwe yona. Amaphoyisa asaphenya ngalolu daba,” kuchaza uCaptain Gwala.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Noluthando Nkosi uthe: “UMnyango ukhathazekile ngokulimala komhlengikazi, elinyazwa okusolwa ukuthi yisiguli ebesiphazamisekile ngomqondo. Lolu daba lusaphenywa futhi isibhedlela siyayibuyekeza indlela yokwengamela iziguli ezisahlolwa isimo sengqondo.”