INHLAZI ishelwe ngamanzi kwabesifazane ababili abasolwa ngokweba usana lomfana. Ngokusho kokukhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, bekuyizithuba zabo 9.45 ekuseni ngoMsombuluko ngesikhathi owesifazane oneminyaka engu-23 ekhululwa esibhedlela saseMzimkhulu emuva kokubeletha usana lomfana.
"Ngesikhathi esesesibhedlela, unqwamane nabesifazane ababili (oneminyaka engu20 noneyi-17) abenze sengathi bebevakashele isihlobo sabo egumbini lokubelethisa. Bacele ukuhambisana naye njengoba nabo bebelibangisa enkabeni yedolobha yaseMzimkhulu. Bathe uma befika enkabeni yedolobha, bathatha ingane kunina ngesikhathi efuna ukuya endlini encane," kusho uColonel Mbele.
"Uthe esebuyile (elavathi), wangabe esabafica laba besifazane nomntwana wakhe onezinsuku ezine. Ube esebika lesi sigameko emaphoyiseni aseMzimkhulu lapho kuvulwe khona icala lokuthumba."
Uthe kube sekujutshwa amaphoyisa asePort Shepstone ukuba aphenye leli cala. Eqhuba uthe uphenyo lwethimba labaphenyi lubaholele endaweni yaseMfulamahle lapho bebhadanywe khona abasolwa nosana maqede bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
"Ingane iphuthunyiswe esibhedlela ukuyoxilongwa. Uphenyo lwamaphoyisa ludalule ukuthi ingane beyizodluliselwa eGauteng lapho kuhlala khona isoka lomunye wabasolwa," kuphetha uColonel Mbele.
Abasolwa bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine kwathi umsolwa ono-17 wadedelwa kubazali bakhe ngenxa yeminyaka engamvumeli ukuba ayogqunywa esitokisini.