UVELE akhihle isililo abe nosizi unina womfundi kaGrade 11, eRaisethorpe Secondary eMgungundlovu uma echaza ngokufa kwendodana yakhe ngesikhathi sezibhelu ezazingoJulayi nonyaka.
UNksz Zandile Nguse, ohlala emijondolo ekuKhan Road, eMgungundlovu, uvukwa wumunyu uma elandisa ukuthi wafa kanjani uSbahle Nguse.
Uchazele abeKhomishana yamaLungelo aBantu abebemvakashele ngoLwesihlanu ukuthi namanje usakuthola kunzima ukwamukela ukuthi indodana yakhe ayisekho emhlabeni.
Ulandise wathi ngoJulayi 12 indodana yakhe yayizimele kule ndawo eyimikhukhu, ibukela ababebuya ukuyotapa impahla izitolo, kanti izohlangana nenhlamvu indiza emoyeni.
USbahle washonela endleleni ebheke esibhedlela eNorthdale. Okuphula umoya lo mzali wamantombazane amabili, ukuthi amaphoyisa owayeboshelwe leli cala akhululwa ngenxa yokushoda kobufakazi.
“Kwakumele ngiqine, ngenzele abantwana bami bamantombazane ababili ababezwa ubuhlungu bokushiywa umfowabo. Ekwenzeni kwami lokhu, angizange ngithole isikhathi sokubhekana nobunzima obuzwiwa imina. Isangidla le nto yokushonelwa indodana yami ngale ndlela,” kusho uNksz Nguse.
Uthi kuyamthunuka ukubona abafundi baseRaisethorpe befake umfaniswano ofana nalo owawugqokwa yindodana yakhe athe yayizithanda futhi ikhaliphile.
Abekhomishana, baduduze lo mndeni bawuqinisa idolo futhi bathembisa ukulandelela mayena nokuthi kwaphelelaphi ngecala lokubulawa kukaSbahle.
Bathe bazokwenza nezinhlelo zokuthi lona wesifazane nomndeni wakhe bathole usizo lokwelulekwa ngokwengqondo.
Ikhomishana inesigcawu esisehhotela iGateway eMhlanga okwethulwa kusona ubufakazi ngokwakwenzeka ngesikhathi sezibhelu zokutatshwa kwezitolo KwaZulu-Natal naseGauteng ngoJulayi.
Kwafna abantu abangu-342. Lezi bhelu zathatha elinye igxathu ePhoenix, eThekwini lapho kwabulawa ngokudutshulwa futhi kwalinyazwa inqwaba yabohlanga ababevinjezelwa emigwaqweni ngamaNdiya ayenezivimbamgwaqwo ezazingekho emthethweni.
Lesigcawu kulindeleke ukuthi siqhubeke namuhla.