Usale enkundleni umsolwa obefunwa amaphoyisa ngamacala okubulala
Image: X
Kubulawe umsolwa oyingozi ovefunelwa inqwaba yamacala ngesikhathi edubulana namaphoyisa aseKZN eMzinto.
Umsolwa, 27, ubefunelwa amacala okungenani angu-20 okubulala. Kuthiwa amacala amaningi uwenze eMzinto, amanye abikwe eScottburgh naseMlaza.
Amaphoyisa akholwa wukuthi unesandla kuma-CIT nasekushushunjisweni kwezidakamizwa.
Ngosizo lophiko lwezobunhloli besifundazwe, amalungu ophiko lwamaphoyisa kaMasipala i-Trio Crimes Unit kanye namaphoyisa e-SAPS Durban North Trio Crimes alandele umkhondo womsolwa bafika emzini osemgwaqweni uMalibu Drive ngenhloso yokukhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
Bebenethemba lokuthi bazozitholela izibhamu zakhe ukuze bamxhumanise namacala angakaboshwa.
Kuthiwa uvulele ngenhlamvu ngesikhathi amaphoyisa efika, wafela khona lapho.
Umsolwa ubephethe isibhamu esingekho emthethweni.