USALE elimele owayengumsubathi wakuleli owayehlonishwa umhlaba wonke, u-Oscar Pistorius ngemuva kokulwa nesinye isiboshwa kubangwa ucingo lwaseJele.
Lezi zindaba ziqinisekiswe isikhulu saseJele ngoLwesibili.
UPistorius, odonsa iminyaka engu-13 ejele ngecala lokubulala owayeyisinqandamathe sakhe uReeva Steenkamp, kuthiwa usale elimele ngemuva kokulwa nesinye isiboshwa ngoDisemba 6.
"U-Oscar walimala ngemuva kwesigameko nesinye isiboshwa kubangwa ucingo lwasejele lapho kuhlala khona iziboshwa ezikhubazekile e-Attridgeville Correctional Centre," kusho uMnuz Singabakho Nxumalo
UPistorius uye kuleli jele labakhubazekile elisePretoria ngoNovemba nyakenye.
Ngenyanga edlule iNkantolo eNkulu Yokudluliswa Kwamacala yelule isigwebo sakhe seminyaka engu-6 saba yiminyaka engu-13 ngemuva kokuthi kube nesikhalo sokuthi ushaywe ngoswazi oluncane kwisigwebo sakhe sokuqala asinikwa uJaji Thokozile Masipa.
UNxumalo uthe kuvulwe uphenyo ngalesi sigameko.
Amaphephandaba asePretoria abika ukuthi ezinye iziboshwa zicikwe ukuthi u-Pistorius uhlala isikhathi eside ocingweni, nokuyinto eholele ekutheni alwe nesinye isiboshwa.
UPistorius usejele ngecala lokubulala ngesihluki owayeyintombi yakhe ngeValentine's Day ngo 2013.
Kamuva nje kusanda kuphuma ifilimu eveza izigameko ezenzeka ngokusho kwakhe, ngokunjalo nangokobufakazi obethulwa abashushisi ngesikhathi elahlwa yicala lokubulala.
Le filimu ayamukelwanga kahle kuleli njengoba abantu abaningi bathi besingikho isidingo sayo kanti nomndeni wakwaSteenkamp waveza ukuthi awaziswanga lutho ngokuqoshwa kwayo.