LIHLEHLELE uMashi 5 nonyaka icala likasonhlalakahle osolwa ngokubulala amalungu ayisithupha omndeni wakhe eNkanini, eShowe.
UMnuz Sthembiso Mthimkhulu, uvele ngoLwesithathu enkantolo yaseShowe ebhekene namacala ayisithupha okubulala.
Umsolwa usagqunywe esitokisini.
Izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uvakashele eShowe, ukuyohlangana namaphoyisa, wabe eseyobona umndeni wabasocongiwe. UCele ekhuluma nomphakathi waseNkanini, usigxekile lesi sigameko.
Kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibelo ebusuku, kubulawe uMnuz Christopher (70), unkosikazi wakhe, u-Octavia (iminyaka engatholakalanga), Mbali (30), Snothile (18), uThabo (10), bonke abangabakwaKhumalo, nentombazanyana uLangelihle Sgampu (8). Kulesi sigameko kusinde owesifazane obeyobeletha nengane eneminyaka eyisishiyalolunye okuthiwa icashe ngekhethini ngesikhathi umsolwa ehlasela.
Umndeni wababulewe ukhuluma ne-eNCA, uthe ushaqekile ngokwenzekile ngoba umsolwa ungumuntu ozithulelayo futhi bona abanalo ulwazi ngokuthi kubangwani njengoba kwenzeke lesi sibhicongo.
Namhlanje, uCele kulindeleke ahambele imindeni yamaphoyisa abulewe eMgungundlovu, ngempelasonto.