UMENGAMELI Cyril Ramaphosa namhlanje uvakashele isifundazwe iKwaZulu-Natal ukuzohlola umonakalo odalwe ukubheduka kodlame okuhambisane nokutatshwa kwempahla ezitolo zakulesi sifundazwe naseGauteng.
EKZN isifunda iTheku isona esishayeke kakhulu ngokwamabhizinisi kanti kuphinde kwachitheka igazi kudutshulwa abantu ePhoenix, naseMgungundlovu kutholwe izidumbu.
URamaphosa ufike eThekwini wahlangana noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala omethulele umbiko ogcwele ngezigameko zakamuva.
President @CyrilRamaphosa receives briefing on his arrival in KwaZulu-Natal. The President will spend this morning assessing the impact of the recent public violence and the deployment of security forces in the province. #ProtectSouthAfrica pic.twitter.com/UxVDfuEYFa
— Presidency | South Africa 🇿![CDATA[]]>🇦 (@PresidencyZA) July 16, 2021
“Umengameli Ramaphosa namhlanje uzovakashela iKwaZulu-Natal ukuzobheka umonakalo odalwe yizigameko zakamuva eThekwini, nokubona ukuthi atshalwe kanjani amasosha,” kusho isitatimende esivela ehhovisi likamengameli.
URamaphosa uzophinde ahlangane nabaholi abahlukene emphakathini okubalwa kubo abezenkolo, abanikazi bamabhizinisi kanye nabaholi bamaqembu asephalamende.
UNgqongqoshe obambile ehhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, izolo uthe izibalo zabashonile selokhu kuqale lezi zibhelu ngu-117. Kulaba kushone 91 eKZN.