UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi zizoqashwa ngeso lokhozi izinkampani zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi ziphethwe kahle.
URamaphosa usho lokhu ngesikhathi kusongwa iLekgotla ye-ANC ebise-Irene ePitoli lapho exwayise amalungu ale nhlangano ukuthi ayeke ukugxambukela ezindabeni zezinkampani zikahulumeni.
“ILekgotla inqume ukuthi kufanele kuqokwe abantu abawaziyo umsebenzi ezinkampanini zikahulumeni eziwu-740.
“Kunesidingo sokuthi zibhekwe ngeso lokhozi ukuqinisekisa ukuthi zisebenza kahle kodwa hhayi ukuthi kugxambukele osopolitiki. Uma kusolakala inkohlakalo noma kumoshwa imali yabakhokhi bentela osopolitiki sebengakhuluma,” kusho uRamaphosa.
Uthe bazimisele ngokubhekana ngqo nezingqinamba zomnotho wezwe nokuvula amathuba omsebenzi.
Umhlaziyi wepolitiki ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe umonakalo osezinkampanini zikahulumeni ube mubi kakhulu kule minyaka ewu-10 edlule kodwa uma uhulumeni ezimisile ukusilungisa isimo sisengalunga.
“Uma uhulumeni ezimisele ukulungisa isimo kwaSAA, SA Express, Eskom, Denel nakwaSABC izinto zingashintsha. ISAA idinga ukutakulwa ngoR2 billion ukuze iqhubeke nokusebenza. Angazi ukuthi uhulumeni uzoyithathaphi imali kodwa yona kumele ayizame ngoba lezi zinkampani ziqashe abantu abaningi,” kusho uKhumalo.
Uthe umbono wokuqeda uMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni awuphusile.
Wenze isibonelo sokuthi uma i-Eskom ifakwa ngaphansi koMnyango wezokuMbiwayo naMandla ngeke ulunge ngoba izinkinga zakhona zidinga umuntu ozolungisa i-Eskom ngaphakathi.
“Uma kuthiwa kufe i-converyor belt nezinye izinsimbi kusho ukuthi obhekela ukulungiswa kwazo akawenzi kahle umsebenzi. Into ezosiza wukuthola abantu abawaziyo umsebenzi ukuze babhekwe ngeso lokhozi ukuthi bayawenza yini umsebenzi wabo.
Ngithandile nombono kamengameli wokuthi kufanele kubukelwe eSingapore lapho izinkampani zikahulumeni ziphethwe yisigungu esizimele esiqinisekisa ukuthi zenza kahle ngaso sonke isikhathi,” kusho uKhumalo.
Uveze ukuthi ngesikhathi uhulumeni wobandlululo esungula i-Eskom, Armscor, Sasol nezinye izinkampani wayefuna zimsize ukuthuthukisa umnotho.
“Lezi zinkampani zisengalunga uma kuqashwa abantu abakwaziyo ukwenza umsebenzi. Akufanele ziyekwe ukuthi ziwe ngoba ziqashe abantu abaningi futhi zineqhaza elibalulekile ekuthuthukeni kwezwe,” kusho uKhumalo.
Isazi somnotho uMnuz Dawie Roodt sithe uhulumeni uhlulekile wukuphatha izinkampani zakhe futhi yonke into kahulumeni iyabheda, kusukela ezikoleni, izibhedlela nokunye kukahulumeni kushona phansi.
“Uhulumeni kufanele adayise ezinye izinkampani zakhe ukuze bese eqasha abantu abakwaziyo ukwenza umsebenzi kulezo angafuni ukuzidedela.
“Angiboni-ke ukuthi kuzokwenzeka lokhu ngoba akuhambisani nemigomo ye-ANC. Sibi isimo kufanele sibhukule sigxeke ngendlela eyakhayo ngoba zonke izinkampani zikahulumeni zishona phansi,” kusho uRoodt.
Uthe yize isimo sisibi kodwa akakholwa wukuthi iNingizimu Afrika izofika esigabeni sokubhedelwa wumnotho esenzeka eZimbabwe
kodwa wakugcizelela ukuthi kufanele uhulumeni ashintshe ukwenza.