UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usexwayise ngokuthi ezinye zezindawo maduzane zizophelelwa yizidingo ngqangi emva kokuphazamiseka kokuhanjiswa kokudla, uphethroli nemithi.
URamaphosa obehlangene namaqembu ezepolitiki izolo, uthe bavumelene ukuthi kumele kuqedwe ukutatshwa kwempahla nezibhelu eziqhubeka kwezinye izindawo.
Uthe abaholi bamaqembu bathe lesi simo sifana nokuthi kuhlaselwa intando yabantu.
“Sivumelene nabaholi bamaqembu ukuthi kululwe ukutshalwa kwamasosha ukuze kunqandwe udlame. Banxuse ukuthi imizila ebalulekile iqashwe ngelokhozi ukuze izidingo ezifana nokudla, imithi kanjalo nophethroli zifinyelele kubantu.”
Uthe umthetho wewashi okungu- 9 ebusuku kuze kube ngu-4 ekuseni okuyizikhathi abantu abangaba ngaphandle ngazo, kumele kuqikelelwe ukuthi wonke umuntu uyawuhlonipha.
“Abaholi bamaqembu bathe kumele kube nokusebenzisana phakathi kwamaphoyisa, amasosha, ezobunhloli, onogada abazimele kanjalo nezinhlaka zomphakathi.”
Uthe abaholi bahambela imiphakathi ehlukene ukuze isimo sibuyele kwesejwayelekile.
“Sivumelene ngokuthi kumele sibeke eceleni ukuthi singamqembu ehlukene kodwa sibumbane ukuvikela intando yabantu.”
Uthe ukucekelwa phansi kwempahla kuphethe kabi bonke abantu bakuleli hhayi kuphela ezindaweni ezikhahlamezekile kodwa nakulezo ezingakhahlamezekile.
Amaqembu abehlangane nawo kubalwa i-African National Congress, Democratic Alliance, Inkatha Freedom Party, United Democratic Movement, Freedom Front Plus, Congress of the People, African Christian Democratic Party, the Good Party, Al-Jamah, the African Transformation Movement, National Freedom Party nePan Africanist Congress