UMENGAMELI wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, usekuvumile ukuthi kwaba yiphutha ukudembesela kwe-ANC nePhalamende ngesikhathi bexwayiswa ngezinsolo zokulawulwa kombuso yidlanzana.
URamaphosa uveze lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo kwiKhomishini kaZondo ngoLwesine njengomholi we-ANC.
Obepheka uRamaphosa ngemibuzo, u-Advocate Alec Freund, ukhumbuze umengameli ngemithetho elawula iPhalamende kuleli ethi ngokomthetho amalungu ePhalamende kumele aqondiswa yiPhalamende, hhayi i-ANC.
Uphinde wamfundela ingxenye yomthetho emkhumbuza ukuthi kuwumsebenzi wePhalamende ukuphenya ngenkohlalako okubikwa ngayo.
UFreund ube esekhumbuza uRamaphosa ngemibiko eyayigcwele ezindabeni yokuthi babonakala bephuma bengena ongqongqoshe emzini wakwaGupta eSaxonwold, eGoli.
URamaphosa uthe umthetho obhaliwe uqinisile, wavuma nokuthi kwakumele beyithathele phezulu le mibiko njengePhalamende ngokunjalo nakwi-ANC, kodwa banqandwa ukushoda kobufakazi.
“Ngiyavuma ukuthi iPhalamende kumele lenze okuthile uma kuvela izinsolo ezifana nalezi, yinhlangano ebusayo okumele ithathe indawo yayo kuqala. Uma ihluleka kube sekungenelela iPhalamende kodwa lidinga okungaphezulu kwezinsolo. Ama-email abakwa-Gupta aputshuka aba wubufakazi obungalandeleka,” kuchaza uRamaphosa.
URamaphosa uthe ngisho namanje kwi-ANC kusanezinkulumo-mpikiswano ngezinsolo zokulawulwa kombuso yidlanzana kuleli.
“Kunabantu abasaphika ukuthi yinto ekhona ukulawulwa kombuso yidlanzana. Lokhu kuphikisana kungenzeka ukuthi kubambezele ukuthi siqale ukubhekana nale nkinga. Kodwa okumele sikujabulele ukuthi silapha namhlanje.”
Umengameli uqhube wathi kumele bakujabulele nokuthi iningi labaholi be-ANC liyavumelana ngokuthi yinto ekhona ukulawulwa kombuso yidlanzana futhi iphazamise intuthuko nenhlalakahle yakuleli yaphinde yathikameza nenhlangano ebusayo.