NJENGOBA izolo bekugujwa usuku iWorld Press Freedom, uMengameli Cyri Ramaphosa uthe libaluleke kakhulu iqhaza labezindaba ekubikeni ngaphandle kokuchema.
Uthe kumele lihlonishwe iqhaza labezindaba ezweni.
“Siphila ezweni lapho ngaphandle nje kwezintatheli wonke umuntu evumelekile ukuba akhulume ngemibono yakhe ngokukhululeka. Bakhulume ngaphandle kokusaba. Ngokombiko wenhlangano, iReporters Without Borders yango-2021, uveza okuningi ngokunqindwa kwabezindaba ukuba babike ngokukhululeka. Kulo mbiko kuvela okukhathazayo, ukuthi ngesikhathi sobhubhane iCovid-19 kukhona abezindaba abanqindeka ukubika bakhululeke. Kulo mbiko kuveza ukuthi kuleli njengoba uMthethosisekelo uvikela inkululeko yabezindaba ukuba bakwazi ukuphenya, kodwa kukhona labo abasanqindeka ekwenzeni umsebenzi wabo.”
Lo mbiko uphinde uveze ukuthi ngo-2020 kwandile ukuphazamiseka kwezintatheli, ikakhulukazi ezabesifazane ezinkundleni zokuxhumana.
“Ukuphazamiseka kwalezi zintatheli akwamukelekile nhlobo. Kuyingozi kakhulu uma kuthintwa abesifazane kokunye basatshiswe nangokuhlukunyezwa ngokocansi. Lokhu kuyakhathaza futhi kumele kusukunyelwe,” kusho uRamaphosa.
Uqhube wathi:“Abezindaba kuleli baneqhaza elimqoka ngalokhu esesikwazi manje ngokulawulwa koMbuso yindlazane nabantu abakhwabanisayo. Bayaqhubeka babike noma besatshiswa, banikwe ulwazi olungelona nokuhlaselwa kwabo.”
URamaphosa uthe uma abezindaba bemile kulokhu okulindeleke kubona, ukuba babike ngakho, izintatheli zizoqhubeka zibike ngaphandle kokusaba.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe ubuntatheli bumqoka.
“I-IFP iyalunaka lolu suku iWorld Press Freedom Day, ngokubheka iqhaza labezindaba emhlabeni jikelele. Ukubaluleka kwezindaba kusekuletheni ulwazi olufanele nokubika kungachemiwe. Ngalolu suku sifisa ukuhlonipha izintatheli nabezindaba abashonile ngenxa yeCovid-19. Sincoma ukuzinikela emsebenzini wabo baze bazifake engozini,” kusho uHlengwa.