YIZE igciwane leCorona selihaqe futhi labhubhisa inqwaba kuleli kodwa uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi ngeke kubuyelwe esigabeni sesine nesesihlanu sokuvalwa kwezwe ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
Kunalokho uRamaphosa unxuse umphakathi waseNingizimu Afrika ukuba uzivikele wona kuleli gciwane ngokuthi uqhelelane, uhlambe izandla ngensipho futhi ugqoke izifonyo.
"Udaba lokulahlekelwa kwabantu yimisebenzi yilo olusikhathazayo. U31% wabantu bakithi awusebenzi, kusiphatha kabi lokho njengohulumeni," kusho uRamaphosa ngesikhathi evakashele esifundazweni saseMpumalanga lapho ekhulume khona kabanzi nabafundi baka-matric.
Uthe uhulumeni usazama izindlela zokunqanda ukudilizwa kwabantu emisebenzini.
"Sizama izindlela ezihlukene ukubhekana nesimo sokuphela kwemisebenzi. Ngesikhathi sidlulela ezigabeni ezihlukahlukene, ngisho nesigaba sesithathu, besizama ukunqanda ukuphela kwemisebenzi ngenxa yokuvalwa kwezwe, " kusho uRamaphosa kade eyohlola izikhungo zezempilo ukuthi zimi ngomumo yini ukubhekana nabaguliswa yiCorona.
Njengamanje zintathu izifundazwe eziqengqeleza phambili nokuba nesibalo esikhulu sabantu asebehaqwe yigciwane leCorona. Esizihola phambili iWestern Cape ngabantu abawu64 861, kuze iGauteng ngabawu49 937 bese isithathu kuba i-Eastern Cape ngabawu-30 603.
Kuze kube yimanje njalo ngosuku sekuhaqeka abantu abawu8 728, okwenza isibalo sasebehaqekile sinyukele ku168 061. NgoLwesine kuphinde kwashona abantu abangu95, okwenze isibalo sanyukela ku2 844.