UMENGAMELI we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi bazoyikhotha imbenge yomile abaholi abathinteka ezenzweni zenkohlakalo.
URamaphosa uthe bonke labo abazobanjwa bentshontsha, kuzobhekwanwa nabo.
Lokhu ukusho ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-150 kwazalwa isishoshovu esingasekho, uNkk Charlotte Maxeke, owalwela inkululeko.
Le nkulumo kaRamaphosa iza nje, ibhekene ngeziqu zamehlo kwi-ANC njengoba kukhona ukwahlukana ngesinqumo esithathwe umhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano, sokuthi bonke abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni.
Ethula inkulumo phambi kwabalandeli be-ANC e-Eastern Cape izolo, uRamaphosa uthembise ukubhekana ngqo nalabo abazibandakanya kwizenzo zenkohlakalo.
“Abantu bayayithanda i-ANC, kepha bayithanda kakhulu uma ikhombisa ukuthi izimisele ukulwa nenkohlakalo, ithathele abathintekayo izinyathelo.
“Abantu bakuleli lizwe abahambisani nenkohlakalo ngoba kuzuza abambalwa kuphela, abantu basale behlupheka. Ingakho kufanele sibhekane nenkohlakalo.”
Ethula inkulumo kwisifundo ngempilo kaNkk Maxeke, uRamaphosa umchaze njengomuntu owayenesibindi.
“Wakhula ngezikhathi lapho khona abantu besifazane besabukelwa phansi, bengavumelekile ukufunda kanye nokuba ngabaholi.
“Wakwazi ukunqoba lezo zinselelo nokwamenza ukuthi abe ngowesifazane omnyama wokuqala ukuba athweswe iziqu enyuvesi. Wahola ezikhundleni ezahlukene.”
URamaphosa uzibophezele ekuholeni umkhankaso wokuba kuqanjwe elinye la makolishi ase-Eastern Cape, ngoNkk Maxeke.
“Ngizosebenza ngokubambisana noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme kanye nobuholi besifundazwe ukwenza isiqiniseko sokuthi kuzokuba khona ikolishi elizoqanjwa ngaye.
“Angiyiboni into engavimba ukuthi sivule elinye lamakolishi asesetshenziswa njengamahhovisi kahulumeni, bese silibiza ngeCharlotte Maxeke Memorial College.”
Abaholi be-ANC bebethe chithi saka ezweni lonke njengoba bekugujwa usuku laleli qhawe.
UMgcinimafa Jikelele we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, uthule inkulumo emcimbini obusehholo ledolobha eThekwini.
UNobhala jikelele wale nhlangano, uMnuz Ace Magashule, yena ubeseGauteng kanti iPhini likaMengameli, uMnuz David Mabuza, lona beliseLimpopo.