KUPHINDE kwaba nesixakaxaka izolo ePhalamende i-EFF yagcina ngokuthi iphume emuva kokuba uMengameli waleli qembu uMnuz Julius Malema eyalelwe ukuba ahoxise akushilo, ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wayehlukumeza owayengunkosikazi wakhe ongasekho, uNomazizi Mtshotshisa.
UMalema, obengafuni ukuhoxisa lokhu, uyalelwe wuSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, uMnuz Amos Masondo, ukuthi aphume. Uphume namalungu aleli qembu ngesikhathi kuqhubeka inkulumompikiswano ngenkulumo eyethulwe nguRamaphosa ngeledlule.
Umsindo ususwe yilungu le-ANC, uMnuz Boy Mamabolo, osukume wacela ukuba uMalema aphendule ngombono wakhe mayelana nodaba lokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli, wabe esembuza uMalema ukuthi ngabe yena akamhlukumezi yini unkosikazi wakhe?
UMalema uphendule wathi yena akazange nje ahlukumeze kodwa wake wezwa ngabahlukumezayo.
“Awuthi ngikuphendule. Odabeni lokuhlukunyezwa kwabesifazane. Mina ngasho kwenye inkulumo, ngathi ongakaze ahlukumeze unkosikazi eminyakeni engu-25 edlule akaphakamise isandla.
Mina angikaze ngishaye umuntu wesifazane. Ngabuza lowo mbuzo ngoba ngathola ukuthi umengameli wayemshaya unkosikazi wakhe uNomazizi, sengathi angaphumula ngokuthula,” kusho uMalema.
UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema ogcine ephumile ePhalamende kulandela ukunqaba ukuhoxisa inkulumo yakhe abize kuyo amalungu ephalamende ngezilima. Isithombe: SABC NEWS/ YouTube screenshot
URamaphosa, ozophendula kusasa, ubelokhu ezithulele.
Abanye abaholi bathe inkulumo kaRamaphosa ayifikanga nalutho olusha, baphinde bagxeka okwenzeke ngeledlule i-EFF iduba ishiya inkulumo ebhekiswe esizweni ngoba ifuna kuxoshwe uNgqongqoshe wezaMabhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, nokugxeka owayeyiPhini likaMengameli uMnuz FW De Klerk ngenkulumo ayenza ethinta ubandlululo.
Bebekhala ngokuthi kudingeka kwenzeke okuthile ukubhekisisa imigomo yePhalamende.
Umholi weDA obambile, uMnuz John Steenhuisen, uthe uRamaphosa ubaphoxile abantu bakuleli.
Uthe ngesikhathi kusuka uMnuz Jacob Zuma esihlalweni, babezitshela ukuthi kuza umuntu ongcono, baba nethemba.
“Abantu beqembu lakho bebekudinga okhethweni lwango-2019, ukuze uvikele inhlekelele eyayingahle yenzeke. Kodwa-ke ube ususiphoxa,” kusho uSteenhuisen.
Ubesho lokhu ekhuluma ngomnotho wakuleli, athi awenzi kahle. Uthe uhlulekile wukuletha abatshalizimali ukuze kuzoba namathuba emisebenzi kuleli.
Uthe liphezulu kakhulu izinga labangasebenzi njengoba lingu-29.1%.