UMENGAMELI uMnuz Cyril Ramaphosa uthi usekulungele ukugonyuluka ngezigidi zamarandi ezanikelwa emkhankasweni wakhe wokuhola i-ANC, owaziwa ngokuthi iCR17.
URamaphosa uthi njengoba udaba olumayelana nale zimali seluphothuliwe ezinkantolo, usekulungele ukukhuluma ngalo. Ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile abe nayo neNewzroom Afrika emva kwenkulumo ayethule ngoLwesihlanu emcimbini wokugubha iminyaka engu-109 kwasungulwa i-ANC.
UMvikeli woMphakathi uNkk Busisiwe Mkhwebane, wathola ukuthi kwaba nokushintshisana ngemali ngokungekho emthethweni ngesikhathi kuqhubeka lomkhankaso. Kepha inkantolo ephakeme iGauteng High Court yawuchitha lo mbiko.
URamaphosa uthi manje usekulungele ukukhuluma ngaloludaba njengoba esanda kuvela phambi kwekomiti elibhekelele ukuziphatha kwamalungu e-ANC, i-Intergrity Commission.
“Ngikulungele ukugeqa amagula. Ngichaze ngokwenzeka nokuthi izinto zenzeka kanjani. Lapho esingenzanga kahle, kufanele kuxoxwe ukuthi angalungiswa kanjani lawo maphutha. Angisabi nakancane ngalolu daba. Kufanele izinto sizibeke obala. Uma kufanele ngithathelwe izinyathelo ezithize, akwenziwe lokho,” kusho uMengameli.
I-Intergrity Commission isanda kukhipha isitatimende lapho ibisola khona uRamaphosa ngokubalekela ukuphendula imibuzo yaleli komiti. Lokhu kungemva kokuba elitshele ukuthi kungcono uma kulindwa ukuthi udaba luphothulwe ezinkantolo, ngaphambi kokuthi aphendule imibuzo yekomiti.
URamaphosa uthi akusikho ukuthi ubebalekela imibuzo.
“Kube nokubambezeleka okuholele ekuthani ngigcine sengigxekwa. Anginankinga nokushiwo ikomiti. Kuyajabulisa ukuthi ikomiti lenza umsebenzi walo ngaphandle kokwesaba. Libhekana nanoma ngubani okufanele kubhekwane naye. Akukhathaleki noma ngabe ungumengameli lowo muntu. Kepha bekungekhona ukuthi bengibalekela ukuphendula imibuzo.
“Ngesikhathi kuphothulwa amanye amacala ezinkantolo, yimina engaya kwikhomishini ukuyokusho ukuthi ngicabanga kuthi sekuyisikhathi sokuthi siyixoxe le ndaba. Ngabe sengivela phambi kwekomiti, ngabachazela konke okwenzeka.
“Yimina owenza isiphakamiso emhlanganweni wesigungu esiphezulu (NEC) se-ANC ukuthi kufanele siyixoxe indaba yezimali ezinikelwa emkhankasweni yalabo abasuke beqhuba imikhankaso yokuhola i-ANC. Ibiminingi imikhankaso ebikhona ngesikhathi sibheke kwingqungquthela.”
Phakathi kwalabo ababeqhuba imikhankaso yokuhola i-ANC ngaphambi kwengqungquthela yango-2017, kubalwa amalungu esigungu esiphezulu uDkt Nkosazane Dlamini-Zuma, uDkt Zweli Mkhize noNkk Lindiwe Sisulu.