UMENGAMELI Cyril Ramaphosa useqoke uqweqwe lomshushisi, u-Advocate Hermione Cronje, ukuba ahole ithimba eliphenya amacala enkohlakalo.
U-Adv Cronje uzophatha uphiko olusha ngaphansi kwezokushushisa.
URamaphosa unike u-Adv Cronje umyalelo wokuthi abeke eqhulwini ukuphenya amacala ahambisana nokulawulwa kombuso yidlanzana,
inkohlakalo nawokukhwabanisa izimali.
Lokhu kuchaza ukuthi ithimba lika-Adv Cronje lizobe liqaphe ngeso lokhozi iKhomishini kaZondo ukuze uma kukhona okuvelayo kuyo bakuphenye ngokushesha.
Lokhu kungase kuholele ekutheni kube nabantu abashushiswayo ngenxa yobufakazi obuvela kwiKhomishini.
INhloko yezokuShushisa kuleli, u-Advocate Shamila Batohi, usevele uqoke ithimba elizobheka amacala okulawulwa kombuso yidlanzana, waqoka noMshushisi Matric Luphondo ukuba alekelele.
Bonke bazosebenzisana no-Adv Cronje njengoba eseqokelwe ukuhola uphiko olusha.
Okhulumela uRamaphosa, uNkk Khusela Diko, uthe u-Adv Cronje uzohlala iminyaka emihlanu esikhundleni sakhe futhi unesipliyoni.
URamaphosa wayekumemezele enkulumweni yakhe ebhekiswe esizweni ukuthi uzosungula uphiko olukhethekile.
Lolu phiko lwake lwaba khona kuqala lubizwa ngamaScorpion lwabuye lwavala lusolwa ngokusetshenziswa ngosopilitiki ukulwa izimpi zabo
Uthe leli thimba eliholwa u-Adv Cronje lizobe liphenya amacala abantu abaphezulu aphathelene nezimali nenkohlakalo.