Izindaba

URamaphosa ukhathazwa iMelika engena impi ye-Iran ne-Israel

Nonkululeko Nhlapo|Published

URamaphosa ukhiphe isitatimende enxusa izingxoxo zokuxazulula iziinkinga kulandela ukuhlasela kweMelika e-Iran

Image: Sithunyelwe/ GCIS

Umengameli Cyril Ramaphosa ezwakalisa ukushaqeka ngokugxambukela kweMelika empini ephakathi kwelakww-Israel ne-Iran.

INingizimu Afrika ibinethemba lokuthi umengameli uDonald Trump uzosebenzisa amandla akhe kanye nohulumeni wase-US kubamba izingxoxo zokuxazulula izinkinga zokungaboni ngaso linye. INingizimu Afrika imema i-United States, i-Israel, ne-Iran ukuthi inikeze inhlangano yezizwe ithuba kanye nesikhala sokuhola izingxoxo zokuxazulula ngokuthula ukungqubuzana okuqalile kanjalo nokuhlolwa nokuqinisekiswa kwesimo se-Iran sokunothisa i-uranium, kanye namandla ayo enuzi.

Lesi sitatimende sikaRamaphosa silandela inkulumo kaTrimp abeyibhekise ezweni lakhe eveza ukuthi baqumbe phansi ngamabhomu izizinda ezintathu zenuzi e-Iran futhi basazoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi bayiqeda nya Indaba yenuzi kuleliya lizwe.

Isenzo sikaTrump siyitholile impendulo evela kuhulumeni wase-Iran oveze ukuthi akayiboni indawo yezingxoxo zokubuyisana njengoba izwe labo lihlaselwa.

I-Iran itha isitha singaphansi kwenkohliso yokuthi sonakalise isizinda sezikhali zenuzi - asazi ukuthi benza imizamo yokuvikela izikhali zabo kusuka ngoMashi kuvela amahlebezi empi engumshoshaphansi. 

"Sasusa konke okubalulekile sakubeka kwenye indawo ukuze zivikeleke. I-uranium isangaphansi kolawulo lwethu ngokugcwele; isitha sishaya intuthu nje!"

I-Iran uqhubeke yathi le mpi ayisona isimanga, ibilindelwe. "Sivivile, siyazilungiselela futhi sizophendula ngendlela ezokhunjulwa nasemlandweni! Sasesizicijile kakade izinkemba zethu (silungele impi) - manje isikhathi sesifikile sokubakhipha emigodleni yabo!" 

Izwe lase-Iran lithi lizoqopha umlando liphendula ukuhlasela kweMelika

Image: X