UMENGAMELI wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, usekugxekile ukucwasa ngokobuhlanga okwenzeke ePhoenix, lapho kunokungezwani phakathi kwamaNdiya nabohlanga.
URamaphosa ukusho lokhu encwadini yakhe ayikhipha njalo ngoMsombuluko.
URamaphosa kade ethula inkulumo yakhe ngeSonto, akazange akhulume ngodaba lwasePhoenix kanti emuva kwayo uthole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngokungathi vu ngesigigaba esikhiphe inqwaba yezidumbu kule ndawo.
“Udlame nemibhikisho obekuseGauteng naKwaZulu-Natal emasontweni amabili edlule kulimaze okuningi kodwa kube nomthelela ongemuhle ekubuyisaneni kwemiphakathi. Lokhu kubonakale kakhulu ePhoenix, eThekwini. Kubonakale abantu abebehlala ndawonye bejikelana. Kusekuningi okumele sikucubungule ngokuthi kwenzekani kodwa ngekwemibiko esiyitholile ukuthi abantu bebecwaswa ngobuhlanga. Kukhona abavimba emgwaqweni ngokungemthetho, abanye bakhishwa ezimotweni zabo, bashaywa. Abanye bahlaziwe behliswa nesithunzi. Kubulewe inqwaba yabantu,” kusho uRamaphosa.
Uthe lokhu akwamukelekile futhi labo abahlasele abanye bazothathelwa izinyathelo zomthetho.
Uthe njengoba isimo sibukeka sinozinzo, yilapho kumele labo ababecwasa ngokobuhlanga baboshwe. Uthe kutshalwe ithimba labaphenyi ukwenza lo msebenzi.
Uncome ukuthi abantu basePhoenix, omakhelwane babo baseBhambayi, Zwelitsha naseMaoti bayazama ukulungisa lo monakalo osuwenzekile.