UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu uDkt Zweli Mkhize, uMengameli Cyril Ramaphosa, Inkosi Sipho Mahlangu neNkosi Mwelo Nonkonyana ngesikhathi kuvulwa iNdlu yabaHoli boMdabu ePhalamende eKapa ngoLwesibili. Isithombe..Ayanda Ndamane/African News Agency(ANA) UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu uDkt Zweli Mkhize, uMengameli Cyril Ramaphosa, Inkosi Sipho Mahlangu neNkosi Mwelo Nonkonyana ngesikhathi kuvulwa iNdlu yabaHoli boMdabu ePhalamende eKapa ngoLwesibili. Isithombe..Ayanda Ndamane/African News Agency(ANA)
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usenxuse abaholi bendabuko ukuthi bagqugquzele abantu ukuthi bavote okhethweni lwangoMeyi 8.
URamaphosa obekhuluma ngesikhathi kuvulwa iNdlu yabaHoli boMdabu ePhalamende eKapa izolo, uthe kumele banxuse abantu ukuthi babhalisele ukuvota.
Njengoba selumenyezelwe usuku lokhetho abantu basangaqhubeka babhalisele ukuvota emahhovisi ekhomishini eyengamele ukhetho kuleli.
Kuzovalwa ukubhalisela ukuvota uma lolu suku selufakwe emqulwini kahulumeni iGovernment Gazette.
“Siyanxusa abaholi bomdabu ukuthi banxenxe abantu ukuthi babhalisele ukuvota baphinde bavote. Abantu kumele balibambe ngazo zombili leli thuba ngoba yilungelo labo,” kusho uRamaphosa.
Uthe kumele bagqugquzele ukhetho ukuthi lube ngolukhululekile nolunokuthula.
Uqhube wathi bazosebenza nabaholi bomdabu ukuze kuhlonzwe umhlaba ovundile ukuze kukhiqizwe ukudla kwakhiwe namathuba emisebenzi.
“Baningi abaholi asebehlonzile izindawo esingakhiqiza kuzona ukudla.
“Abaholi bomdabu babambe iqhaza ekomitini lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo,” kusho uRamaphosa.
Uthe ukhona umnyakazo odabeni oluthinta izicelo zokubuyiselwa umhlaba ezafakwa ngabantu.
Mayelana nezemfundo uthe bazoqhubeka bazithuthukise kanjalo nezempilo.
URamaphosa uthe kudingeka kuhlinzekwe imfundo esezingeni ikakhulu emakhaya.
Umthethosivivinywa iNational Health Insurance Bill uthe izothulwa ePhalamende.
Ubalule nokuthi bayaqhubeka nokulwa nenkohlakalo njengoba kulokhu kuvela kwikhomishini kaZondo.
“Ziyasishaqisa ezinye izinto ezivela kwikhomishini kaZondo. Sizobhekana nabathintekayo uma sesithole umbiko.”