UNGQONGQOSHE wezaMandla, uMnuz Jeff Radebe, uchitha izinsolo zokwenzelela ohlelweni lwe-Independent Power Producers UNGQONGQOSHE wezaMandla, uMnuz Jeff Radebe, uchitha izinsolo zokwenzelela ohlelweni lwe-Independent Power Producers
UNGQONGQOSHE wezaMandla, uMnuz Jeff Radebe, uchitha izinsolo zokwenzelela ohlelweni lwe-Independent Power Producers (IPPs) emuva kokuthi i-EFF imsole ngokuthi uqala lolu hlelo ukuze kuhlomule umlamu wakhe uMnuz Patrice Motsepe.
Izolo uRadebe utshele abezindaba esithangamini ebesisePitoli ukuthi uhlelo lwamathenda e-IPPs alunakho ukwenzelela futhi luvelelekile.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe uRadebe noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa banezinhloso zabo ngohlelo lwama-IPPs ngoba bafuna ukuzicebisa besebenzisa umlamu wabo uMotsepe.
“Kuqala olunye uhlelo lokuqhwaga amandla oMbuso lapha phela sonke siyazi ukuthi uRadebe noRamaphosa bashade nodadewabo bakaMotsepe onenkampani ezohlomula kuma-IPPs. Siyawukhuza lo mkhuba ngoba basebenzisa uMbuso ukufeza izinhloso zabo,” kusho uMalema.
URadebe ushade nodadewabo kaMotsepe uNkk Bridget bese uRamaphosa ashade nomunye udadewabo kaMotsepe uDkt Tshepo.
“Izinkampani ezisohlelweni lwama-IPPs eziwu-27 zaqokwa ngo-2015 ngangingakabi wuNgqongqoshe wezaMandla ngaleso sikhathi. Izinkontileka zisayinwe ngo-Ephreli wonyaka odlule, okwami bese kuwuqukuqhuba umsebenzi obesewenziwe nguNkk Tina Joemat-Petersen owayephethe lo mnyango. Minyaka yonke ePhalamende siyacelwa ukuthi siveze izinhlelo zethu ezingaphazamisa umsebenzi esiwenzayo. Ngikubeka kucace ukuthi anginazo izinhlelo eziphazamisa umsebenzi engiwenzayo ngoba vele azikho,” kusho uRadebe. Uthe akukho ukwenzelela ohlelweni lwama-IPPs ngoba nohlelo lokubhida lwalusingethwe yithimba labantu abazimele, abawongoti kwezamandla, ezomthetho, ezomnotho neminye imikhakha.“Uhlelo lwama-IPPs ngeke lube nenkohlakalo,” kusho uRadebe.
NoMotsepe ubize isithangami nabezindaba wathi izinkampani zakhe zinamasheya amancane kabi ohlelweni lwama-IPPs.