IMALI ebekelwe ukunxephezela okungenzeka balinyazwe imigomo yeCovid-19 ingase ifinyelele ku-R250 million ngonyaka wokuqala.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize, usho kanje ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende ngoMsombuluko ntambama.
INingizimu Afrika yenza isivumelwano nabakhiqizi bemigomo yeCovid-19 ezosetshenziswa kuleli, okuyiPfizer neJohnson&Johnson ukuthi izosungula isikhwama, iNo Fault Compansation Fund (NFC) okuzofakwa kuyo izicelo zokunxeshezelwa uma kwenzeka kuba khona abalinyazwa umgomo.
Uthe kulesi sikhwama awuzukudinga ukuthi ube nommeli ukuze ufake isicelo sokunxeshezelwa kodwa uma ulimele kumele uqale kuso ngaphambi kokuthi uthathe isinyathelo somthetho.
Uqhube wathi uma unganelisekile ngesinxephezelo isikhwama esizobe sifuna ukukunxephezela ngaso uyakwazi ukusidlulisela phambili isikhalo sakho ekomitini elizobe libhekele abangenelisekile, uma ungakutholi ukwaneliseka nakulona uyakwazi ukuqhubeka ufake abomthetho odabeni lwakho.
Uthe le mali isuselwa ekutheni kungenzeka babe phakathi kuka-800 kuya ku-2000 abantu okungenzeka bafake izicelo zokunxeshezelwa ezizophasa ngonyaka wokuqala.
" Le mali ibalwe yahlanganisa nemali ezosebenza ngesikhathi kwenziwa imicikilisho elandelwayo uma ufake isicelo sokunxeshezelwa," kusho yena.
INingizimu Afrika isayine isivumelwano sokuthi izothenga umgomo okhiqizwa iJ&J ongu- 31 million nongu-30 million okhiqizwa yiPfizer.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe uMnyango wezeMpilo yiwona ozobhekana nokuvula i-akhawunti yalesi sikhwama.