Izindaba

Uqweqwe lommeli lubalisa ngenkululeko 'ewutalagu' ejatshulelwa kuleli

Nkosikhona Cele|Published

IBUKEKA kanje ngaphandle incwadi ebhalwe wu-Advocate Muzi Sikhakhane SC

Image: SITHUNYELWE

UQWEQWE lommeli u-Advocate Muzi Sikhakhane SC, luthi kuyishwa ukuthi iNingizimu Afrika isemgodini omnyama futhi oshonayo kodwa kayiboni yona iwubiza ngokuthi yinkululeko. USikhakhane ukusho lokhu ngesikhathi enenkulumo neSolezwe, ngencwadi yakhe ayibhalile esihloko sithi:"Odyssey of Liberation.''

Ngale ncwadi uSikhakhane uthe uzama ukuba nengxoxo nabantu abamnyama bakuleli abavuse emaqandeni ukuze babone ukuthi lokhu okubizwa ngokuthi yinkululeko, yinto engekho kodwa iningi elicabanga ukuthi yinto ephilayo.

Ngokusho kwakhe kungaba wubudedengu obukhulu uma kungase kuvunyelwane ngokuthi iNingizimu Afrika ikhululekile ekubeni kusekhona izinto eziveza ngokusobala ukuthi yiphupho nje ukuthi leli zwe likhululekile.

''Angikwenzele isibonelo nje sithi sikhululekile kodwa sihlulwa yidlanzana labelungu abakhona kuleli zwe. Thina phela sicishe sifinyelele ku-60 million, kodwa sonke sincike ebelungwini abangu-5 million. Yini nje leyo,'' kubuza uSikhakhane.

Lokhu uthe kuwuphawu olusobala lokuthi iNingizimu Afrika isemgodini oshonayo omnyama kodwa yona ecabanga ukuthi uyinto enhle. Uyamanise ingwadla ebhekene neNingizimu Afrika nohambo olude lwabantwana bakwa-Israel, abahamba iminyaka engu-40.

Uthe bangcono nabo ngoba ekugcineni waqhamuka uJoshua wabatakula sekuvalwe amehlo.

''Inkinga ekhona kule Ningizimu Afrika wukuthi asinaye nje nhlobo uJoshua ongasitakula. Kodwa sinabantu abasondelene nabelungu ngoba kukhona abakuzuzayo ebese becabanga ukuthi kukhona abakuzuzayo kanti bamane banikwa imvuthuluka nje,'' usho kanje.

Ukhale ngengqondo yomuntu omnyama wathi akazi ukuthi ingaguqulwa kanjani ayeke ukwesaba umlungu. Uthe kubuhlungu ngoba abantu abamnyama bachitha isikhathi sonke bencenga abelungu futhi bazama ngakho konke okusemandleni ukuchazela abelungu ngezinto abazenzayo.

Uyihlabe wayihlikiza indaba yokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, uhambele eWhite House eMelika, wathi lokhu kuwuphawu olusobala lokuthi abantu abamnyama bazibona bengelutho kangakanani ngaphandle kwabelungu.

''Ibe buhlungu kabi leya nto ukubona umengameli wethu efana nomfana omncane ofunda isikole, echazela umlungu ngezinto zaseNingizimu Afrika ezingamdingi,'' usho kanje.

Uthi ngale ncwadi uzama ukuqala ingxoxo eshubile futhi ebalulekile phakathi kwabantu abamnyama mayelana nalokhu abacabanga ukuthi yinkululeko ekubeni kungesiyona.

''Usho kanjani ukuthi sikhululekile kusenabantu abangenawo amanzi nogesi ngo-2025. Usho kanjani ukuthi sikhululekile kusanezikole ezingenawo ngisho amathoyilethi, ezinye zinamathoyilethi adilikayo?'' kubuza uSikhakhane.

Uthe iqiniso wukuthi le nkululeko abaningi abacabanga ukuthi sebeyithintile ngezandla zabo, basakude kabi nayo kunalokho bamane bahubha utalagu nje, into abangeke baze bayifice ngisho sebethanda.

Uqhube wathi ngisho nakwamanye amabandla kuhlonishwa kakhulu abelungu kunabantu abamnyama.

''Kubi, konakale abantu bakithi bafundiswe ukuthi okwabo akungcono uma kuqhathaniswa nokwabelungu. Sifundiswe ukuthi kungcono ukuba wuPatrick kunokuba wuThemba,'' usho kanje.

Uveze ukuthi incwadi yakhe iqale ingamakhasi angu-800, kodwa wayinciphisa yagcina isiba ngamakhasi angu-498. Uthe kwakhona nje ukuthi le ncwadi uyibhale ngesilungu kuwuphawu lokuthi naye ucabanga ukuthi isilungu singcono kunesiZulu.

Ubalule ukuthi yingakho nje ezoqala phansi ayibhale nangesiZulu. Uveze ukuthi usanda kuhlonishwa yinyuvesi yaseZululand, edume ngokuthi isoNgoye ngeziqu zobudokotela. Ngokuzalwa ungowaseBulwer.

Esephetha ukhale ngabaholi athe abekho bona eNingizimu Afrika wathi yingakho kulukhuni satshe ukuba izwe liwelele ezweni lesethembiso ngoba akekho ongama athi yena angalithatha aliwelisele khona. Abafisa ukuthola le ncwadi uthe iyatholakala Exclusive Books.