AKUMELE uvumele isifo esikuphethe silawule impilo yakho noma kungelula ngezinye izikhathi ukumelana nendlela abantu abakubuka ngayo.
Lokhu kushiwo uDkt Lethiwe Myeza (30) owudokotela otuba imizwa ezigulini ezisuke zizohlinzwa esibhedlela iGrey’s.
Unesifo esingajwayelekile i-scleroderma esenza ukuthi isikhumba siqine some, sidonseke, sibe nezibazi ezimnyama kwesinye isikhathi kuze kufinyele nezandla, uma esendaweni ebandayo imithambo yegazi iyancipha igazi lingahambi ngendlela.
UDkt Myeza odabuka oLundi kwatholakala ukuthi unalesi sifo eminyakeni eyisikhombisa edlule kodwa uthe ukube wayenolwazi olwanele ngaso mhlawumbe wayezosheshe asukume.
Uthe eqalwa wukugula kwathi egeza wezwa amalunga omzimba eqina ebuhlungu kwathi uma ezama ukusukuma wahluleka.
“Ngaqala ngaya kudokotela ojwayelekile wanginika amaphilisi ezinhlungu wangijova baphela ubuhlungu. Kwaphela isikhathi eside ngingazange ngibe nezinhlungu futhi ngingenayo inkinga yokuqina kwamajoyinti. Uphawu olulandelayo kwaba ukushintsha kwesikhumba, sagqunqa saba mnyama soma, ngashintsha izinto zokugcoba ngizitshela ukuthi yizona ezingidalela inkinga. Ngagcina ngiye kudokotela oqale wathi usola ukuthi nginalesi sifo. Ekugcineni kwatholakala ukuthi ngempela kunjalo,” kusho yena.
Lesi sifo aselapheki futhi akwaziwa ukuthi yini eyenza ukuthi ama-cells onalesi sifo adle amasosha omzimba.
Okwamanje onalesi sifo unikezwa amakhambi okuthi kwehliswe amasosha omzimba okumbeka engcupheni yokuthi athole ezinye izifo.
UDkt Myeza uthe nasesibhedlela asebenza kuso ozakwabo bathi uma bembuka bacabange ukuthi kunento angeke akwazi ukuyenza.
Uthe ngoFebhuwari uke wacishe wangazibhala izivivinyo zakhe zeDiploma yokuthi abe ngudokotela otuba imizwa ngenxa yokuthi ozakwabo babhalela ekolishi ayefunda kulo bathi akakwazi ukusiza umuntu odinga ukusizwa uma ephelelwa umoya.
“Angibuzwanga ukuthi ngiyakwazi yini noma kuthiwe angenze ukuze kubonakale ukuthi ngingakwazi yini. Ngathola incwadi isithi ngeke ngibhale izivivinyo ngoba angikwazi. Ngathi sengilahle ithemba lokufeza iphupho lami lokuba i-anesthesiologist, kwangena enye i-email ithi angize ngizobhala. Ngabhala senginenyanga ngigcine ukuthinta izincwadi. Ngaphumelela, ngo-Ephreli ngathola iziqu,” kusho yena.
Ngenxa yokungabi khona kolwazi olwanele ngalesi sifo uthe usethathe isinqumo sokuthi aqale umkhankaso wokufundisa ngaso. Uqale ngokuthi abhale umyalezo othile esikibheni ebesigqokwe umfowabo obegijima kwiComrades Marathon.
Uthe uhlose ukuhlanganisa abanalesi sifo kube nesigungu lapho bezoxoxa khona.
“Ekugcineni ngifuna ukubhala incwadi ezochaza ngezigigaba engihlangane nazo empilweni yami ngenxa yalesi sifo esingiphuce ilungelo lokufana nabanye abantu abasha,” kusho yena.