UWUQINISA nasezinkundleni zokuxhumana umkhankaso wakhe walo nyaka owaziwa nge- #MatricUngazibulali ahlose ngawo ukugqugquzela abafundi abebenza u-matric ukuthi bangalilahli ithemba uma bengaphumeleli njengoba sekusondele isikhathi sokumenyezelwa kwemiphumela.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, kulindeleke ukuba amemezele imiphumela ka-matric wango-2020 ngoMsombuluko kanti uMnuz Sanele Gamede ongumeluleki wezemfundo ozimele, uthe unqume ukuwuqinisa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nasemazikweni ezindaba umkhankaso wakhe ngenhloso yokuthi ufinyelele kalula kubafundi abangase bazithole benokhwantalala lokuthola imiphumela emibi ngalesi sikhathi.
UGamede uphinde abe wumbhali nomsunguli wenhlangano engenzi nzuzo i- Make A Mark Africa Youth Development.
“Ngivule ikhasi kwiFacebook elibizwa nge- #MatricUngazibulali Support Group ngoba ngiyazi kahle ingcindezi nokhwantalala olubhekana nabafundi ikakhulu abenza u-matric uma bengaphumelelanga kuleli banga. Ngibone kunesidingo njengomeluleki ukuthi kulo nyaka siqhamuke nezindlela ezintsha ezizokwenza sikwazi ukufinyelela kubafundi abaningi ngesikhathi esisodwa, bakwazi ukusizakala,” kusho uGamede.
Umkhankaso wakhe awuqale ngo-2019, uthe sewusize inqwaba yabafundi ngenxa yezeluleko ezinhle ezibuyisa ithemba.
“KwiFacebook siyaye simeme abantu abanamava ehlukene empilo ekutheni bahlomise abafundi ngolwazi, baphinde bebaluleke ngokumele bakwenze uma umfundi ezithola enengcindezi yokuthi akenzanga kahle ikakhulu kulaba abebenza uGrade 12 ngonyaka odlule,” usho kanje.
Uthe abafundi bayakwazi ukwabelana ngezinkinga zabo besebenzisa le nkundla, baphinde kube khona nabalula isandla njengoba ethe ihlanganisa abantu abehlukene.
Ngaphandle kokuba umgqugquzeli nomeluleki wezemfundo, uGamede, uthe ngesikhathi esafunda, uphinde uGrade 10, 11 noGrade 12 kabili kodwa akazange aphele amandla njengoba kuyimanje enza iPhD emkhakheni wezenhlalakahle.
Usebhale izincwadi ezigqugquzela abafundi nezibafundisa ngemikhakha abangayithatha ozihloko zazi zithi, The Graduate Pack neFinishing Your Qualification in Record Time.