SEKUVELE uqhekeko phakathi kwamaqembu ezepolitiki azama ukugudluza i-ANC komasipala bakuleli abayizikhondlakhondla.
Sibukeka sisengcupheni isivumelwano samaqembu aphikisayo sokubusa ngokubambisana umasipala oyinhlokodolobha yakuleli iTshwane nomasipala oyisizinda somnotho wezwe, iJohannesburg.
Lokhu kuza emva kokuba i-DA isichithile isivumelwano samaqembu aphikisayo ebesizokwenza ukuthi i-ANC ingaliboni elidlalayo uma sekukhethwa izimeya ezintsha zale mikhandlu.
Alikho iqembu elinqobe ngamalengiso kuyona yomibili le mikhandlu.
Ngokwesivumelwano ebesenziwe ngamaqembu i-ActionSA, COPE, FFP, ACDP ne-UDM, i-DA ibizodedelwa ukuba iphathe iTshwane.
Le nhlangano iyona ebivele ithole amavoti amaningi kulo mkhandlu kanti futhi iyona ebivele iphethe kuwona ngaphambi kokhetho.
EJohannesburg, la maqembu abevumelane ngokweseka i-ActionSA, okuyiqembu eliholwa iloyo owayeyimeya yalo mkhandlu, uMnuz Herman Mashaba.
Kulapho ke i-DA efike yashaya phansi ngonyawo, yathi angeke imeseke uMashaba.
Le nhlangano ithi nayo izophakamisa uNksz Mpho Phalatse, ukuba agaxwe amaketanga obumeya emhlanganweni womkhandlu ozokuba namhlanje.
UMashaba waba imeya yalo mkhandlu iminyaka emithathu.
Wabe esesula emva kokuba ubudlelwano bakhe nobuholi be-DA baba muncu.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe okubenza bangahambisani nesiphakamiso sokuba uMashaba athathe njengemeya, ukuthi ukuqokwa kwakhe kuncike ekutheni kufanele asekwe yi-EFF.
USteenhuisen uthe abafune lutho oluzobahlanganisa ne-EFF.
"Ngesikhathi uMashaba eseyimeya yalo mkhandlu, sasiphoqelekile ukuba sidansele isiginci se-EFF. Lokho kwakwenza ukuthi kungasebenzeki kahle. Asifuni ukuphinde sizithole singaphansi kwalesi simo," kusho yena.
Amaqembu amancane azwakalise ukudumala ngalesi sinqumo se-DA.
Esitatimendeni esikhishwe ngokubambisana, la maqembu ezepolitiki athe lesi sinqumo se-DA sibeka engcupheni imizamo yokuqumba phansi i-ANC kulabo masipala.
Athe awazi noma kuzofanele ayeseke yini i-DA emihlanganweni yomkhandlu?
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uzwakalise ukukhathazeka ngalesi simo.
Uthe lesi simo singase senze ukuthi i-ANC ikwazi ukuphatha labo masipala.
"Inkinga enkulu ukuthi abaholi be-DA nabe ActionSA bathanda izikhundla. Lokhu kuzokwenza kube nzima ukuthi bakwazi ukugudluza i-ANC."
ETshwane i-DA ingakwazi ukuphatha ngaphandle kokwesekwa yi-EFF, inqobo uma izokwesekwa ngamanye ngamaqembu amancane.
Kepha eJohannesburg khona amaqembu aphikisayo azodinga ukwesekwa yi-EFF ukuze akwazi ukuqumba phansi i-ANC.
Kulo masipala, i-ANC nayo kayizibekile phansi njengoba isekwa ngelinye lamaqembu amancane, iPatriotic Alliance (PA).