ISIGILE izimanga insizwa yaseZakheni, eMnambithi, ngokwenza amabhokisi omngcwabo ahlukile nangajwayelekile akhiwe ngengilazi
UMnuz Sabelo Sithole odume ngelikaNtombeningi osezinze, eMaboneng, eGoli, uthi ibihlale imuphatha kabi into yokuthi kunabantu abangcwaba abantu okungezona izihlobo zabo.
“Njengoba sekuneCorona sekukubi kakhulu ngoba kuke kwanesikhathi lapho amabhokisi abengasavulwa ukuthi umndeni ubone ukuthi ngempela bangcwaba umuntu okunguyena yini. Ingakho ngithe cha, ake ngenze amabhokisi ayingilazi abantu ukuze babone izihlobo zabo,” kulandisa uSithole.
Uqhube wathi, wenza ucwaningo ngala mabhokisi wabe eseyofunda izinsuku ezine ukuze ezokwazi ukuthi angawakha kanjani amabhokisi esebenzisa ingilazi.
“Ngaya esikoleni ngoba ngangifuna ukufeza iphupho lami. Uma usebenza ngengilazi kumele uqikelele ngoba iphutha elincane nje sekuphelile ngayo, ayifani nepulangwe,” kusho uSithole.
Uthi ubesaba ukuxoxela abantu ngaleli phupho lakhe ngoba ubefuna ukuthi uma efeyila, aphoxeke eyedwa kunokuthi ahlekwe.
“Ngaya egaraji lakwami ngasebenzela khona. Ngithe uma sengiwenzile amabhokisi ami amahlanu ngajabula. Bengivuka ebusuku ngiye egaraji lami ngifike ngibuke la mabhokisi ngoba angikholwa ukuthi imina owenze umsebenzi omuhle kangaka,” kuchaza uSithole.
Uthi uyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi awenzile kanti amazwi kababa uJoseph Shabalala weBlack Mambazo (ongasekho) yiwona amsizile ngoba bekungekho lula ukwenza lo msebenzi.
“Ubaba uShabalala wathi kumina angohluleka ngizamile, yingakho nami ngiqhubekile ngafeza iphupho lami,” usho kanje.
Uqhube wathi abantu babuka ubuyena bese bezitshela ukuthi angeke enze umsebenzi onje. Uthi uyathemba ukuthi abantu bazofunda ukuthi bangababukeli phansi abanye ngenxa yokuthi bathanda ubulili obufanayo nobabo.
“Abantu bayibukela phansi kakhulu i-LGBTQI kanti nathi singabantu futhi siyakwazi ukwenza izinto. Ngiyafisa ukuthi abantu abafana nami baziqhenye ngobubona futhi bafunde okuthile ngami,” kubeka uSithole.
Le nsizwa ethi yafundela umsebenzi wokubaza amapulangwe, ithi impumelelo yayo iqhamuke ekutheni isebenze kanzima.
Ithe uma esethulwe ngokusemthethweni amabhokisi ayo, imindeni yokuqala ezowathengela imingcwabo yawo iyohanjelwa wuDeborah Fraiser afike acule mahhala.