ABAPHATHI bomasipala abangcolile kumele kubhekisiswe ukuthi bawulungele yini umsebenzi abawunikeziwe.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wokukhucululwa kwamadolobha ngenhloso yokuvikela imvelo, iGood Green Deeds (GGD) eMgungudlovu, ngoLwesihlanu.
UMkhize uthe kuyakhathaza ukuthi umasipala adabuka kuwo, obuye ube yinhloko dolobha yesifundazwe, ungcolile.
“Sishaywa ngamahloni uma kukhona ungqongqoshe othi udlule ngakithi ngoba uvele athi: ‘Hhayi ngakini hhayi’. Sewuyazi ukuthi ukhuluma ngokungcola,” kusho yena.
UMkhize uthe imikhandlu engcolile akusho ukuthi ayinazo izinsiza zokuhlanza.
“Kule mikhandlu kunezimoto, imishanelo imigqomo yokulahla imfucuza kodwa ingcolile ngoba abayiphethe abayinakile. Okumele kubhekwe wukuthi abantu abaphethe bafanele yini ukuyiphatha. Utshani abusikwa, kwezinye izindawo kugijima amagundane. Kunamabhilidi osekubaleke abaqashayo kuwona bebalekiswa ukuthi kungcolile. Lokho kwehlisa izinga lomnotho,” kusho yena.
UNkk Malanie Veness, isikhulu sePietermaritzburg Chamber of Bussiness, uthe iningi losomabhizinisi ebelisebenzela enkabeni yedolobha selibalekile ngenxa yokungcola. Abanye uthe babalekiswe ukuthi kuleli dolobha kunenqwaba yabantu abangahlanzekile abahamba ezitaladini amakhasimende bese eyesaba ukuzothenga emabhizinisini akuleyo migwaqo.
UNkk Nomvula Mokonyane, uNgqongqoshe wezokoNgiwa kweMvelo uthe: “Kuyihlazo ukuthi sesizakhele enye imbali okuwuplastiki. Uma ubona uplastiki ugaxeke esihlahleni noma undiza usuke sewazi ukuthi usufikile eNingizimu Afrika. Uplastiki siwulahla ezitaladini uhambe uze uyofinyelela emfuleni ubulale izinhlanzi esizidingayo.”
UNkk Nomusa Dube- Ncube, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uthe ngaphandle kokwethulwa kweGGD umnyango wakhe ubuye wethula ogandaganda, izimoto ezithwala amanzi, ezokulungisa imigodi emigwaqweni neminye imishini ewusizo eyaziwa nge-yellow plant athe ukholwa ukuthi izosiza omasipala abahlala beqasha lezi zinsiza bakhokhe imali eningi.
IMeya yaseMsunduzi, uMnuz Themba Njilo, ithe iyakwamukela ukuthi uMkhize afake isitswebhu uma ebona sengathi kukhona lapho bengahambisi kahle bengabaphathi bomasipala.
“Inkinga esinayo ukuthi amahhovisi asetshenziswa ngabantu bangaphandle, uma esevaliwe aphenduka indawo elala abantu ababalelwa ku-20, amathoyilethi agcina engasasebenzi, udoti okumele ngabe ungene ethoyilethi bawukhipha ngamaplastiki bawubeke emgwaqweni. Ngalokho angisho ukuthi asithandi ukusebenzisana nabantu bangaphandle kodwa bona basisebenzisa kanzima,” kusho yena.