UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uphike walala ngomhlane ukuthi kube khona ukushayana ngesikhathi kusuka uthuthuva ngemuva komdlalo wabo naMaZulu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto.
Lo mqeqeshi uvulelwe icala lokushaya njengoba esolwa ngunogada walo mdlalo ngokumbeka isandla.
Ngemuva komdlalo ophele ngo 3-3, kube nabalandeli abangene enkundleni. Ngesikhathi sebebheke ngasemhhubheni ophuma abadlali yilapho okusuke khona isixakaxaka, obekukhona kuso uMosimane, onogada namaphoyisa.
“Abalandeli bethu ababili bangene enkundleni. Wenzenjani ke? Uyabakhapha kahle ubakhiphele ngaphandle, hhayi ukubagxavuna sengathi yizigebengu kungekona ukuthi bayenqaba (ukuphuma). Le nto yokuzama ukubukwa yokuthi kugxavunwe abantu bekhishwa enkundleni kumele iphele.
“Mina bengizama ukukhuluma nale ndoda ukuthi ibakhiphe kahle. Lo muntu ubefuna ukubonwa kwithelevishini nje ngoba bebenganqabi. Bayaphuma laba bantu. Uma kuthiwa bayenqaba-ke usungenza ngenye indlela,” kusho uMosimane.
Uthe ziningi izikhawu lapho eseke wakhipha kahle abalandeli bengena enkundleni kwangaba khona inkinga.
“Kumele kukhunjulwe ukuthi bangabantu nabo futhi abanye bafika sebethe ukuthinta. Cha akukho amaqupha abe khona,” kusho uMosimane ephika eyokushaya.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns, akatholakalanga izolo ukuze aphawule ngokuthi sebezwile yini ngecala elivulelwe umqeqeshi.
Lesi sigameko senzeke ngesikhathi kusaqhubeka izinkulumo zabaqeqeshi nabethelevishini. Bekusakhuluma umqeqeshi waMaZulu FC uCavin Johnson.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Lt-Colonel uThulani Zwane, uqinisekisile ukuthi kunecala elivuliwe.
“Ngesikhathi kunomdlalo ka-D izolo (ngeSonto) indoda eneminyaka ewu-49 kuthiwa ishaywe ngequpha wummangalelwa owaziwayo. Kuvulwe icala lokushaywa esiteshini saseMlaza ukuze kuphenywe,” kusho uLt-Colonel Zwane.