UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela umrepha uPitch Black Afro (Thulani Ngcobo) osolwa ngokubulala inkosikazi yakhe ngoDisemba 3.
UPitch Black Afro uboshwe ngamaphoyisa aseGoli ngemuva kophenyo aluqale emuva kokutholakala kwesidumbu somkakhe endlini.
ISowetan Live ibike ukuthi uPitch Black Afro washayela ucingo amaphoyisa ngemuva kokushona komkakhe uCatherine Modusane, besendaweni yokulala, ibed and breakfast, eYeoville, eGoli.
Uphenyo lwaluveza ukuthi uzishonele kodwa kuthe uma sekuphenyisiswa kwatholakala ukuthi akunjalo kwase kuvulwa idokodo lokubulala.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Lungelo Dlamini, utshele Isolezwe izolo ukuthi uPitch Black Afro uzovela eNkantolo yeMantshi yaseHillbrow namhlanje.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi kuboshwe umyeni wowesifazane owatholakala efile endlini wabekwa icala lokubulala,” kusho uDlamini.
UPitch Black Afro wazakhela udumo eminyakeni eyedlule ngezingoma zakhe okubalwa kuzo ethi Neva Let You Go, Matofotofo nezinye eziningi.