UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uthi bazosebenzisana nabasehhotela iHilton, elizovalwa namuhla ukuqinisekisa ukuthi livulwa ngokushesha.
Kuzokhumbuleka ukuthi iHilton imemezele ukuthi izovalwa isikhathi esicishe sibe ngangonyaka, ngenxa yezinkinga zeCovid-19.
UPillay uthe uyasiqonda isimo esibhekene neHilton kodwa okumphatha kabi wukuthi ukuvalwa kwaleli hhotela kuzoba nomthelela omubi kubasebenzi.
“Selokhu kuqubuke iCovid-19 sisebenza ngokubambisana neHilton ngoba ibalulekile emnothweni waKwaZulu-Natal. Sisebenzisana nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuze sithole isisombululo esizoqinisekisa ukuthi iHilton iyavulwa maduze. Siyathemba ukutholakala komgomo kulo nyaka kuzosiza ezinhlelweni zokuvuselela umnotho ukuze amabhizinisi asesimeni esifana neseHilton asheshe avulwe, sihlenge nemisebenzi,” kusho uPillay.
IHilton yavulwa ngo-1997 enkabeni yeTheku, inemibhede ewu-307 kanti ukuba seduze neNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, bekwenza ihehe kakhulu kubantu abahambela imicimbi.
Inabasebenzi ababalelwa ku-250 abaqashwe ngokugcwele kanti njalo ngonyaka ithatha abafundi abenza izifundo ze-hospitality abasuke bezothuthukisa amakhono.
Isolezwe lithole ukuthi iHilton izovala amahhotela ayo awu-1 000 emhlabeni jikelele ngenxa yokukhinyabezwa yiCovid-19.
NgoLwesihlanu umsebenzi obambe ucingo eHilton, utshele i-African News Agency (ANA) ukuthi abazukuzimukela izivakashi ezizohlala emuva kukaJanuwari 11 ngoba bayavala kodwa bazobuye bavule ngesinye isikhathi.