USgumza oxoxe neSolezwe ngeSonto, uthe unesifiso sokuxhumana nabantu baseMnambithi, abachazele ngokwenzeka futhi kube nendlela azokwenza ngayo ukuthoba abantu amanxeba ngomonakalo owenzeka.
Uthe ngeke abathembise abantu ukuthi kuzobuya yonke imali yabo eyacwila kodwa ikhona indlela afuna ukwenza ngayo nengaba wumthobanhliziyo kubantu abalahlekelwa yimali yabo beyitshale kwiBitcoin Wallet.
USgumza obengakaze atholakale selokhu kwashiswa umuzi wakubo nezimoto zakhe, uthi selokhu ahamba eMnambithi ngesikhathi kwenzeka isigameko njengoba ehleli eThekwini. Uveze ukuthi zonke izinto ebezikhulunywa ngaye bezingamanga ngoba bekuthiwa ubalekele ukuboshwa.
Uthe ngisho nomphenyi weCrime Intelligent, uyaxhumana naye kodwa akaboshwanga ngoba ayikho into emfaka ecaleni. “Mina ngikhona ngiseThekwini. Ngahamba eMnambithi ngenxa yokuthi kwakungasaphephile ngoba abantu babekholwa ukuthi ngidle imali yabo.
“Empeleni iBitcoin Wallet kwakungekaMbheki Hlambisa owayezibiza ngoShozi noZwelinjani Bhengu owayezibiza ngoMbambo. Bobabili abakwaNqetho, ngaseHillcrest futhi bahleli khona kumanje. “Mina ngangisebenza ngiyiParamedic, ngibuye ngizidlalele amadayisi ngenhloso yokwenza imali ethe xaxa. Ngesikhathi ngithola ukuthi kuneBitcoin Wallet nami ngaqala ngafaka uR2000 wabuya usunguR4 000. “Lokho kwangiheha kakhulu ngagcina sengifaka imali enkulu ngempela ibuye. Ngigcine senginxenxa abanye abantu ukuthi asenzeni imali ngeBitcoin Wallet.
“Abaningi engabafaka kuyona bathola inzuzo enkulu kwagcina sekungena inqwaba yabantu. UShozi noMbambo bathi ngoba nginekhono lokuqoqa abantu bathatha isinqumo sokungenza imenenja kanti sebezobaleka nemali yabantu, kwase kugaxela kumina,” kusho uSgumza. Imizamo yokuthola uShozi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe lungngeni.
USgumza owayesebizwa ngoNkulunkulu waseMnambithi, uthe naye walahlekelwa yimali eningi kwiBitcoin Wallet. Uthe wayefake uR1.6 million owawuzobuya usunguR3.2 million kodwa akazange athole ngisho nesenti. Uveze ukuthi wake wazama ukuya namaphoyisa kuShozi noMbambo kwaNqetho efuna baboshwe ukuze kubuye imali yabantu kodwa leyo mizamo yangaphumelela ngoba, uShozi noMbabo babiza abameli babo, abangabopheka.
“Ngaze ngazama ukuyilanda ngobunsizwa le mali kuShozi noMbambo ngafike ngadutshulwa ngacishe, ngashona ngalaliswa nasezibhedlela,” usho kanje.
Uthe nomama wakhe wahlaselwa wukhwantalala emva kokushiswa komuzi wakubo eMnambithi, ngoba ubesemhlalisa emizini yabantu bengasenalo ikhaya, wagcina ngokushona. Kumanje uphila ngokubamba amatoho okushayela amaloli njengoba awukho omunye umsebenzi.
IBitcoin Wallet yayikuKeate Street eMnambithi. Abantu bakhona bebengasalali beyotshala imali yabo kuyona, abanye base beyiletha ngoplastiki. Kuthiwa abanye babesule nasemisebenzini ababeqashwe kuyona ukuze bathole imali yempesheni abazoyitshala kwiBitcoin Wallet, bethemba ukuthi bazokwenza inzalo eningi