UPHUMELE obala ngempilo yokuba i-blesser umculi wekwaito uTzozo obengomunye wezikhulumi emcimbini i-Articulate Africa eThekwini, ngoMgqibelo Isithombe: NQOBILE Mbonambi
‘NGESINYE isikhathi bengilala namantombazane amane ngosuku futhi kungabi ndaba zalutho. ” Usho kanje umculi wekwaito uThokozani “Tzozo” Zulu emcimbini, i-Articulate Africa Book and Art Fair, ebise-Exhibition Centre, eThekwini, eqale ngoLwesine kwaze kwaba uMgqibelo.

UTzozo uveze ukuthi yena ungomunye wabantu besilisa abathanda ukuba sothandweni namantombazane amancane.

Ubekhuluma ngaphansi kwesihloko esithi Blessers, lapho bekulindeleke ukuthi kufike usaziwayo wakuleli uKhanyi Mbau, ogcine engafikanga.

"Ngiyiphilile impilo lapho ngilala khona nabesifazane abaningi ngobusuku obubodwa..."

Udaba oluphelele kwiSolezwe lanamhlanje ekhasini lesibili.