LIGILA izimanga kwezobuciko ibhungu laseZululand eliwunogada elihamba phambili kubadwebi baseNingizimu Afrika. U-Astra Msekeli wasoPhongolo (22) ungomunye wamaciko aphume phambili emncintiswaneni weBIC Stationery Art Master Africa ngomsebenzi awethe Ubuntu. U-Astra obemele iNingizimu Afrika ubehlanganisa izithombe zakhe ezidweba ngepeni lika-inki kuphela kanti okwenze imidwebo yakhe yahluka kweyeningi ukuthi ubeqhakambisa ugogo wakhe (91).
Lo mncintiswano waminyaka yonke nohlanganisa amazwe ahlukene ase-Afrika usuke unikeza amaciko ithuba lokusebenzisa amapeni ukucikoza ngemisebenzi yawo yezandla ikakhulu abadwebi. Kulo mncintiswano kusuke kuboshelwe amaciko abalelwa ngaphezulu kuka-3 700 noselokhu waqala ngo-2017 ulokhu uba nesasasa kumaciko nokwenza isibalo sikhule minyaka yonke. U-Astra uveze ukuthi wabona isikhangiso salo mncintiswano kwiFacebook wakhumbula namazwi kagogo wakhe ohlala emgqugquzela ukuthi awenze ngothando umsebenzi wakhe. Waziphosa kulo mncintiswano kanti uzophuma phambili.
Isifiso sakhe esikhulu ukufundisa noma ukucija amanye amaciko awacobelele ngolwazi ngokudweba. U-Astra usafisa nokusabalalisa umsebenzi wakhe abe yingxenye yeminye yemibukiso ebakhona emadolobheni amakhulu. Bakhona nabanye ozakwabo abadle umhlanganiso okubalwa kubo noBadr Ladied waseMorocco womdwebo i-Enchantez la vie africaine noStanley Were waseKenya womdwebo othi Life is what you make it. Bakhona nabanye okwenza babe ngu-11 uma sebebonke abahlabene emazweni ahlukene ase-Afrika.