UPHUME isinyenyela umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, kubhuntsha umcimbi wokuhlonipha ingqalabutho yale nhlangano, uNkk Lilian Ngoyi.
URamaphosa bekukade kulindeleke ukuthi athule inkulumo yosuku kulo mcimbi wokuhlonipha le ngqalabutho eyaba ngowesifazane wokuqala ukukhethelwa kwisigungu esiphezulu kwi-ANC.
Kepha uRamaphosa uvele waphuma isinyenyela kulo mcimbi obuhlelwe yi-ANC Women’s League.
Uphume emva kokuthi isekela ngqongqoshe ehhovisi likamengameli elibhekele ezobunhloli, uMnuz Zizi Kodwa, emlume indlebe.
Abebehambele umcimbi babe sebaziswa ukuthi uRamaphosa akasezukukhuluma kuwona ngenxa yokuphulwa kwemigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane iCorona.
Ihholo ebelinomcimbi, iLebowakgomo Civic Centre, beligcwele phama, kukhona nabantu abamile.
Abahleli bomcimbi bazamile ukucela abebehambele umcimbi ukuba balandele imigomo, kepha kwaba nhlanga zimuka nomoya.
Unobhala jikelele we-ANC Women’s League, uNkk Meokgo Matuba, uthe bazohlela olunye usuku lokuba nomcimbi.
Uthe bazame ngakho konke okusemandleni abo ukuthi imigomo ebekelwe ukulwa neCorona ilandelwe kulo mcimbi, kepha kwala ukwenza.
UKodwa unqabile ukudalula akuhlebele uRamaphosa, wathi akukhulunywe nabahleli bomcimbi.
Lo mcimbi ubuyingxenye yenqwaba yemicimbi ehlelwe i-ANC ngaphambi komgubho iJanuwari 8, ozoba seLimpopo, kusasa.
I-ANC izoya kulo mgubho ibhekene nezinkinga eziningi, okubalwa kuzo nokushoda kwemali.
Izolo, le nhlangano ithe umcimbi walo nyaka ngeke ube ubukhazikhazi ngenxa yakho ukushoda kwemali.
Ilungu lesigungu esiphezulu kule nhlangano, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe umcimbi wakulo nyaka uzokwehluka kweyejwayelekile.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwisithangami nabezindaba.
UNkk Mokonyane uthe ngeke kube umqondo ophusile ukuthi bakhiphe unyawo ekuhleleni lo mcimbi ozoba seLimpopo ekubeni kunabasebenzi benhlangano abangaholile.
“Sikwazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke kubukeke kahle ukuba sikhiphe unyawo ekuhleleni umcimbi ekubeni abasebenzi benhlangano bengaholile futhi kunemihlomulo abangayitholile.”
UNkk Mokonyane uthe akulula ukuhlela umcimbi njengoba inhlangano ibhekene nezinkinga zemali.
“Sizama konke okusemandleni ukuthi umcimbi ube yimpumelelo. Kancane kancane, izinto ziyahlangana. Sisebenzisa lokhu okuncane okukhona ukwenza ukuthi umcimbi ube impumelelo.”
Khonamanjalo, i-EFF izoba nomcimbi omkhulu wokubonga abayivotele okhethweni lohulumeni basekhaya olwedlule.
Lo mcimbi uzoba kusasa, eThekwini, ePeople’s Park.
Umholi wale nhlangano, uMnuz Julius Malema, uzokwethula inkulumo yosuku.