UZOQHUBEKA nokulala esitokisini owake waba yisihlabani se-Orlando Pirates, uPatrick “Boka” Phungwayo, onqatshelwe ibheyili ngoLwesine yiNkantolo yeMantshi yaseGoli, ozobuyela enkantolo ngoMsombuluko.
Achazwe njengamabi amacala abhekene noPhungwayo nomngani wakhe uDavid Sekgobela, ababoshwe ngoLwesibili ntambama emuva kokutholakala nezimoto nezimpahla ezebiwe.
Ngokombiko weLaduma.com ukuboshwa kukaPhungwayo nomlingani wakhe kuqinisekiswe nguColonel Katlego Mogale woKlebe, othe batholakale nezibhamu ezintathu nezinhlamvu, amathuluzi okugqekeza, izigqoko zokufihla ubuso, umabonakude, amaselula, nezimoto eziduniwe.
Kubikwa ukuthi umiswe ngamaphoyisa uPhungwayo, kwatholakala ukuthi uhlomile futhi nemoto abehamba ngayo beyisanda kudunwa.
Emuva kokuboshwa kwabo, bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesine ntambama, amacala abo esehlehliselwa uMsombuluko lapho kulindeleke ukuba baphinde bafake isicelo sebheyili.
UPhungwayo (33), ogcine ukubonakala kwiFree State Stars ngesizini ka-2018/2019 isadlala kwi-Absa Premiership (esiyiDStv Premiership), bese kwaziwa ukuthi uyisangoma njengoba nyakenye kuvele ukuthi usemukele ubizo lobungoma, okuthiwa besesiside isikhathi eluziba. Nokho, akucaci ukuthi uboshwa nje ubeseyiso yini isangoma.
Empeleni ukuboshwa kukaPhungwayo, sekususe izimpikiswano ngokwehluleka kwabadlali bebhola elikhokhelayo ukubekelela ikusasa uma besadlala behola kahle.
Empeleni uPhungwayo akaqali ukuvela ezindabeni ngobubi njengoba ngo-2017 kwabikwa udaba lokuthi ukweleta umakhenikha wase-Alexandra, eGoli, uPetrus Nemamila. Umakhenikha wayesola lo mdlali ngokukhala amaphepha engamkhokhelanga imali yakhe emuva kokumlungisela imoto yakhe yohlobo lweGolf 3.
Kwavela ukuthi lo mdlali wayekweleta umakhenikha uR2 941, wagcina emfaka enkantolo yamacala emali encane, iSmall Claims Court.
Kwenzeka esikaPhungwayo nje, akukapheli sikhathi esingakanani njengoba ngenyanga edlule kubulawe ngesihluku owake waba ngumdlali weKaizer Chiefs, uLucky Maselesele, okwavela ukuthi wakhandwa ngamatshe ngamalungu omphakathi wase-Alexandra, emsola ngokweba amakhebuli.