UBONA eyisikhali sesizwe esingasetshenziswa ukuzithuthukisa nokuyisa impilo yezakhamuzi phambili. Lowo nguDkt Ngogi Emmanuel Mahaye onguMqondisi eHhovisi loMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal ngoLwesithathu ophinde wafaka emgodleni wakhe wemfundo iziqu zePHD in Education Management.
UMahaye ube ngomunye wabathweswe iziqu yiNyuvesi yasoNgoye. Amagalelo akhe kwezemfundo asuka kude njengoba azibonakalisa enguthishomkhulu waseVelangaye High, eNkandla, ngo-2003 eyagcina ibizwa ngeVelanganye Comprehensive Technical School sekufundiswa izifundo zobuChwepheshe, ubuNjiniyela, iSayensi yezoLimo nokunye okuningi okuwumlando emfundweni yakuleli ikakhulukazi ezikoleni zasemakhaya.
Kulesi sikole kwakunabafundi abangu-278 nothisha abangu-7 futhi zingekho izinsiza ezanele. Lesi sikole sagcina sesinolimi isiFrench njengesinye sezifundo. Siyaziwa kakhulu ngokukhiqiza imiphumela ka-matric emihle kanye nezifundiswa esezifunde zagogoda.
UMahaye akagcini kulesi sikole, uyaziwa ngamagalelo akhe kwiSayensi esaseBizimali High khona eNkandla, nayo ekhiqiza imiphumela ka-matric emihle. Ngenxa yamava akhe ubonwe wuMnyango wezeMfundo lapho esesebenze khona nabaPhathiswa abahlanu kusukela ngo-2014.
Ekhuluma ngeziqu azizuzile, uthe lokhu kusho lukhulu kuyena, emphakathini, esizweni sakwaMahaye nesakwaMpungose, eNkandla, lapho adabuka khona.
Uthe lezi ziqu ziwumnikelo esizweni.
"Mina ngiwutho nesikhali isizwe esingakusebenzisa. Ekufundeni kwami nganginombono wesizwe futhi engikwenzile kungaphezulu kweziqu engizitholile kodwa kuwukugqugquzela abantu ukuba bazithuthukise ngolwazi ngoba isikhathi sanamhlanje sinezinselelo eziningi ezidinga ukuthi umuntu abe nolwazi, " kusho uMahaye osebhale izincwadi nemibhalo eminingi esezingeni lomhlaba.
Phakathi kweziqu zemfundo asezizuzile kubalwa iDiploma in Education, Diploma in School Management, Certificate in School Management,, BTECH, ACE, BED Hon, MED-EM, PhD-EM nePhD ELMP asayenza.
Ngaphandle kokubamba iqhaza kwezemfundo, uMahaye uhlala emabhodini ahlukene okubalwa ele-Anton Lembede Maths and Science Academy, uyisikhulu esiphezulu seDr Pixley Ka Isaka Seme Foundation, unguSihlalo we-Isiqabetho Senhlalamafini Critical Thinkers ngaphansi kweNazareth Baptist Church eBuhleni, lapho ekhonza khona. Lolu hlaka luhlanganise izincithabuchopho zebandla ukuthuthukisa ulwazi.
NaseNkandla ubambe iqhaza kwezentuthuko. Le ncithabuchopho ikusho kugcwale umlomo ukuthi iyakuzonda ukuthi abantu abamnyama ikakhulukazi basemakhaya babukelwe phansi.
"Inkinga enkulu wukuthi yithina uqobo esizibukela phansi futhi yilowo mqondo kufanele silwe nawo. Kufanele sinike isizwe ithemba," kusho yena.
Ephawula ngezinga lemfundo namhlanje, uthe likhulu ithemba lokuthi isemgudwini okahle kodwa ngeke kwaphikwa ukuthi zikhona izinselelo ezinye zazo ezidalwa yizimo zamazwe omhlaba.
Nakuba ephumelele kodwa uthi ziningi izinselelo adlule kuzona okubalwa ukusebenza ezikoleni ezingenazo izinsiza, ukufunda ebe esebenza, ukungalali efunda noma ecwaninga, ukungakutholi ukwesekwa okwanele ngokwemali uma ehambela amazwe eyokwenza ucwaningo nokuthi ashebe isikhathi somndeni wakhe nemfundo.
UMahaye uganwe wuMaNxumalo wasebukhosini bakwaDlomo, babusiswa ngabantwana abane. Ephetha, uthe: "Ngibonga ukwesekwa abezindaba abayikhulisile impilo yami konke abebekusho kimi bengikuthatha kunjalo ngibheke indlela engingakusebenzisa ngayo ukuya phambili."
Ubonge nabafundi bezikole adlule kuzona athe nabo babambe iqhaza elikhulu empumelelweni yakhe.