ABAMELI bowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, bafuna inkantolo ibeke icala uphiko lwezokushushisa ngokwakha itulo lokuhlasela uZuma, ukuhlukumeza amalungelo akhe nokungamphathi ngokulinganayo nabanye ngenxa yesikhundla sakhe sezepolitiki.
Abameli bakaZuma batshele inkantolo ukuthi uZuma uphathwe kabi.
Ummeli kaZuma, u-Adv Muzi Sikhakhane, usho lokhu enkantolo izolo ngesikhathi efaka isicelo sokuthi kuchithwe amacala abekwe noZuma.
USikhakhane utshele amajaji enkantolo eNkulu eMgungundlovu ukuthi icala lenkohlakalo lihlehliselwe u-Okthoba 15 ukuze kuphume isinqumo sesicelo sabo sokuthi kuchithwe onke amacala abekwe uZuma.
Uveze ukuthi icala likaZuma selibanjezelwe isikhathi eside, kwaba nokugxambukela kwepolitiki, kwabambezeleka ubufakazi, kwaba nabakhohlwayo, nokungaziphathi kahle kwabashushisi. Konke lokhu uSikhakhane uthe kuzokwenza ukuthi bungabikhona ubulungiswa uma kuthethwa icala likaZuma.
Uthe uZuma kwakumele ashushiswe nowayemeluleka ngezimali, uMnuz Schabir Shaik, eminyakeni ewu-10 edlule.
USikhakhane uthe yize kuphula umthetho okuthiwa kwenziwa nguZuma kodwa lokho akuniki uMbuso igunya lokuziphatha ngokungemthetho.
Uthe ukungabikho kukaZuma ecaleni likaShaik kusho ukuthi wayeshushiswa engekho.
USikhakhane uthe uShaik noZuma babekwe amacala bobabili, kwakufanele anikwe ithuba lokubuza ngobufakazi obumthintayo.
Uthe igama likaZuma selihlanganiswa nenkohlakalo ngakho kubalulekile ukuthi inkantolo isisuse lesi sithombe kule ndoda enomndeni.
Uthe amacala abekwe uZuma abesetshenziswa ukumshaya kwezepolitiki. Lokhu kucace ngokuthi afunde ubufakazi obukuma-spy tapes.
BUKA:
Ama-spy tapes yizingxoxo ezaziphakathi kowayenguMqondisi wezokuShushiswa komphakathi, uMnuz Bulelani Ngcuka nalowo owayephethe oFezela, uMnuz Leornard McCathy bexoxa ngoZuma nophiko lwezokushushisa ngo-2007.
Ngesikhathi sekudlalwa le ngxoxo eqoshiwe ngo-2009 abameli bakaZuma bathi kuvela ngokusobala ukuthi uZuma wayewumgilwa, ehlukunyezwa yizinhlaka zomthetho.
USikhakhane utshele iJaji Jerome Mnguni, Esther Steyn noThoba Poyo Dlwati ukuthi babheke ukuziphatha kophiko lwezokushushisa.
“UPhiko lwezokushushisa ngeke lufike lapha nezandla zalo ezingcolile emuva kokuphula umthetho walo,” kusho uSikhakhane.
UZuma ubekwe amacala awu-16 okukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbisa imali.
La macala athinta “umgwazo” wenkampani yaseFrance eyakha izikhali iThales okuthiwa yagwazelwa uZuma isizwa nguShaik.