INHLANGANO ebhekelela ezezimoto i-Automobile Association (AA) South Africa imemezele ukuthi uphethroli uzophinde wehle ngo-41 cents ekuqaleni kukaFebhuwari.
Esitatimendeni uMnuz Layton Beard, we-AA, uthe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi uphethroli uzokwehliswa wukusimama kweRandi elihweba phakathi kukaR12.30 noR12.40 uma liqhathaniswa neDolllar lase-United States.
Uphethroli usanda kwehla njengoba kuqala unyaka kanti ukwehla kwawo okwesibili kuzojabulisa abashayeli bezimoto.
“Ukusimama kwerandi kusho ukuthi uma sithenga impahla kwamanye amazwe sikhokha imali encane. Uma sithenga uphethroli namanye amafutha asetshenziswa emotweni kusho ukuthi sizosebenzisa imali encane,” kusho uBeard.
Uthe emhlabeni jikelele intengo kaphethroli nekadizili yehlile ngoJanuwari yize ithe ukunyuka esontweni lesibili kule nyanga.
“Ucwaningo lwethu lukhombisa ukuthi uphethroli uzokwehla ngo-41 cents, udizili wehle ngo-23 cents bese upharafini wehle ngo-26 cents,” kusho uBeard.
Uthe ukwehla nokunyuka kwentengo kaphethroli kulele esimeni sepolitiki nasekutheni izwe liheha abatshalizimali abanjani.
“Abatshalizimali babheka izinqumo ezithathwa ngosopolitiki nemithetho abayishayayo ezweni. Uma beshaya imithetho engabacindezeli osomabhizinisi kusho ukuth abatshalizimali beza ngobuningi babo kodwa uma bebona sengathi imithetho icindezela osomabhizinisi baye babheke kwamanye amazwe,” kusho uBeard.