UHULUMENI ugunyaze ukuba kuphenywe kabusha ngembangela yokukhothama kweNkosi u-Albert Luthuli eyayingumengameli we-ANC nokusocongwa kukaMnuz Griffiths Mxenge owayeyisishoshovu sikaKhongolose.
Kuzophenywa nangembangela yokubulawa kowayengumholi womphakathi uMnuz Booi Mantyi.
Lokhu kugunyazwe uNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnuz Ronald Lamola.
ULamola ubethole isicelo esivela ophikweni lezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA).
ULuthuli, owahlabana ngendondo iNobel Peace Prize, wadlula emhlabeni ngoJulayi 21, 1967.
Ngokwemibiko eqoshwe phansi, imbangela yokukhothama kwakhe kwaba wukushayiswa isitimela ngasesiteshini iGledhow.
Okhulumela lomnyango uMnuz Chrispin Phiri, esitatimendeni uthe ngo-1967 uhulumeni wobandlululo wenza uphenyo eNkantolo yeMantshi yaseStanger eyathola ukuthi uLuthuli wafahlaka ugebhezi nobuchopho.
UPhiri uthe inkantolo ngaleso sikhathi yathi abukho ubufakazi obabukhomba ukuthi kube nonyawo lwemfene ekukhothameni kukaLuthuli.
“Kube nombiko owethulelwe iNPA oveze ukuthi uphenyo lwango-1967, lwashiya ngaphandle ubufakazi obubalulekile.
“Lobufakazi bezobuchwepheshe buveza ukuthi iNkosi Luthuli yayingeke ishayiswe isitimela siyibulale,” kusho uPhiri.
Uthe kungenxa yalobu bufakazi nobethulelwa kwiKhomishini yamaQiniso obenze uLamola wemukela isicelo seNPA, wavuma nokuthi kuphenywe kabusha.
Kulindeleke ukuthi uLamola acele uMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal ukuba avule uphenyo ngokukhothama kukaLuthuli.
Isidumbu sikaMxenge, satholakala enkundleni yezemidlalo eMlaza ngoNovemba 20,1981sinamanxeba angu-45.
Kuvela ukuthi uphenyo lwango-1983, lukahulumeni wobandlululo ngembangela yokufa kwakhe, lwahluleka ukuthola ababulali bakaMxenge.
Kuthiwa uMantyi wabulawa emuva kwengxabano namaphoyisa ngesikhathi sobandlululo ngo-1985 eNorthern Cape.
Uphenyo lwango-1985 olwenziwa e-De Aar ngembangela yokufa kukaMantyi, lwaveza ukuthi akukho muntu okumele abekwe icala ngokufa kwakhe.
UPhiri uthe ubufakazi obusha bukhomba ukuthi kunomuntu owazibonela ngamehlo isigameko ongazange afakaze ekuqaleni.