I-IFP ne-DA bafuna kusheshiswe uphenyo lwangaphakathi kumasipala nolukahulumeni kazwelonke.
uMnuz Mdu Nkosi, ongumholi wekhokhasi ye-IFP eThekwini, uthe usebhalele uMvikeli woMphakathi efuna kuphenywe. Uthe ikomiti elibhekele ukusetshenziswa kwezimali nelomcwaningi mabhuku emkhandliwii kumele baphenye.
“Iningi imali esetshenziswe ebantwini abangenamakhaya, abahlala emigwaqweni. Sifuna ukwazi izinkampani eziqashisele umkhandlu amatende ukuthi zikhokhelwe malini ngoba uma sibuza kuthiwa uR12 000 itende ngalinye ngenyanga, kushintshwe kuthiwe uR10 000. Kuyihlazo ukuthi abantu baseThekwini banikwa kanye izijumbana zokudla. Sifuna ukwazi yaphelelaphi imali eyayabelwe ukulwa neCovid-19,” kusho uNkosi.
UNkosi ufuna ukwazi ukudla obekudliwa bekuphumaphi, ubani obekuhlinzeka nokuthi bekukhokhwa malini.
UNksz Nicole Graham usihlalo wekhokhasi yeDA uthe amanani ezimpahla abenyuswa ngo-500% kuya ku-600%. Ubuze ukuthi kungani umkhandlu usebenzisa izinkampani ezizodwa ezimba eqolo njalo.
“Ngabe asikho lapha esikhona ukube kwenziwa izinto ngendlela efanele ekuqaleni. Impahla eningi ethengwe wumkhandlu inani layo leqe ngokwedlule kwelalibekwe umnyango wezemali kuzwelonke. ITheku likhokhiswe imali enkulu,” kusho uNksz Graham.
IMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda isijube ukuba lusheshiswe uphenyo yathi okuzotholakala ukuthi uthole imali ngokungemthetho uzobhekana nengalo yomthetho.
ITheku labeka eceleni uR600 million wezinhlelo zokulwa neCovid-19.
Iphephandaba iThe Mercury, elinguzakwabo weSolezwe, ngoLwesithathu libike ukuthi iTheku selisebenzise imali engaphezu kukaR400 million lithengela abantu izijumbana zokudla, lithenga izimpahla zokuzivikela kwiCorona futhi lakha izindawo zesikhashana zokuhlala labo abahlala emigwaqweni abanye babo ababizwa ngamaphara.
Libike ukuthi ngokwezibalo cishe iTheku lisebenzise uR45 000 lihlinzeka ukudla nendawo yokulala eyitende umuntu emunye ohlala emigwaqweni. Laba bantu bahlale izinsuku ezingu-100 kulezi zindawo ezingamatende.
Ibalelwa kuR67 million isiyonke imali esetshenziswe ezinhlelweni eziqondene nabahlala emigwaqweni, uR88 million wakhokhela amaphoyisa asebenze isikhathi esengeziwe, uR75 million wathenga izimpahla zokuzivikela kwiCorona kwathi uR67 million kwathengwa ngawo izijumbana zokudla.
Kuvela ukuthi iTheku belithenga izimpahla ngemali eyengeziwe.
UKaunda uthe uphenyo olwenziwayo manje luhlose ukuqinisa idolo izakhamuzi ngokuveza obala ukuthi imali isetshenziswe ngendlela efanele lapho obekudingeka khona.
“NgoMeyi 8 nonyaka ngiKwaNyuswa ngethule uhlelo lokuhlinzeka imiphakathi ngokudla ngesikhathi somvalelandlini. Kuhlomule imindeni engu-1 000 kuma-ward angu-110 eThekwini. Bebenikwa ukudla noma ivawusha kaR600. Lushayelwe ihlombe njengolube lukhulu lwaba impumelelo ezweni uhlelo,” kusho uKaunda.
Uthe basebenze ngokubambisana namakhansela bethola leyo mindeni edonsa kanzima. Uthe bebesebenzisa uhlu lwamagama anomazisi babantu abahlomule ngokudla ngenhloso yokuvimba inkohlakalo.
“Siyazi akuwona wonke umuntu ontulayo ohlomulile ngokudla kodwa siyaziqhenya ngokuthi senze omkhulu umsebenzi silwa nobubha. Ngakho kubalulekile senze ucwaningo kahle,” kusho uKaunda.
ITheku lithi lisabalalisele imithi eyisibulalimagciwane imindeni engu-1 800 ehlala emijondolo eyakhele umasipala.